KUNABANTU abangakholwa uma betshe-lwa ukuthi ama-airbag angaphambili ezimotweni anobungozi obukhulu ezinganeni
ezincane uma zihlaliswe khona.
Sekukaningi kwenzeka izingozi emgwaqeni kuqhume ama-airbag, kuthi izi-ngane ezisuke zihlaliswe ngaphambili zilahlekelwe umphefumulo ngoba ngesikhathi iqhuma ngamandla idala umonakalo omkhulu kwabahleli ngaphambili ikakhulukazi ezinganeni.
Ngamaholidi ePhasika abezimo eziphuthumayo bathi kube nengozi abangasoze bayikhohlwa lapho ingane elinganiselwa ezinyangeni eziyisithupha ishonile emuva kokuba imoto iphaphalazile yaphuma
emgwaqeni kwase kuqhuma i-airbag yaqondana ngqo nayo.
Ngenxa yezimo ezifuze lezi inhlangano yabanikazi bezimoto kuleli, i- Automobile Association (AA) ngokusebenzisana nezinye izinkampani zezimoto, bathi
izingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 futhi ubude bazo obungaphansi kuka-150cm akumele nangengozi zihlaliswe ngaphambili emotweni.
Lokhu bathi yingoba izingane zisengozini yokulimala kanzima ebusweni nasenta-nyeni uma kudedeleka i-airbag. Inhlosongqangi yokwakhiwa kwama- airbag wukuthi asebenze kahle nebhande lasesihlalweni kubantu abadala ngoba uma efase ibhande sekudedeleka i-airbag iqondana nesifuba kanti enganeni iya ngqo ebusweni ngoba imfushane yona uma ihlezi esihlalweni.
Izazi ngezokuphepha ezimotweni zithi indawo ekahle yokuhlalisa izingane
ezincane emotweni yisesihlalweni sangemuva nakhona futhi kumele zifaswe
ngamabhande.
Uma kungenzeki lokhu ukhetha
ukuhlalisa ingane yakho ngaphambili kungcono ucishe inkinobho evumela
ukudedeleka kwe-airbag.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services