I-ANCYL iphumele obala ngoMotlanthe

Comment on this story
Copy of NO_NO MOHLATHEHEHE0 Reuters UMNUZ Kgalema Motlanthe oyiPhini likaMengameli wezwe obegubha usuku lwakhe lokuzalwa izolo ehlanganisa iminyaka engu-63.

I-ANCYL iphendule usuku lokuzalwa lukaMnuz Kgalema Motlanthe oyiPhini likaMengameli wezwe ithuba lokuqhuba umkhankaso waseMangaung njengoba lumchaze “njengoMengameli olandelayo” futhi oqotho ukuthi angathatha lesi sikhundla.

UMotlanthe ubehlanganisa iminyaka engu-63 ubudala izolo kanti imiyalezo ebihambisana nezilokotho ezinhle ibilokhu ingene nhlangothi zonke izolo.

Okhulumela i-ANCYL uNksz Khusela Sangoni- Khawu esitatimendeni asikhiphile, uthe bafisela lo mholi konke okuhle njengoba engumuntu oqotho okunguye ozomqhakambisa kulezi zinyanga ezimbalwa ezizayo.

“Sinethemba elikhulu lokuthi ubuqotho, ubuntu nokuba nemigomo ephusile ngezinye zezinto ezizombeka obala kubantu abaningi ku-ANC kulezi zinyanga ezimbalwa ezizayo,” kusho isitatimende salolu phiko.

UNksz Sangoni-Khawu uphinde wakucacisa abakuqondile ngale nkulumo ebikhombisa ukuchema nokubeka uMotlanthe njengomuntu oyithemba lokuthatha isikhundla sikaMengameli we-ANC ngoDisemba.

“Kuyisifiso sethu ukuthi uma sesifike eMangaung, singaqhubeki nokubiza u-comrade Motlanthe ngePhini likaMengameli,” usho kanje esecacisa ngesitatimende sakhe.

Lesi sitatimende silandelwe esesigungu sesikhashana se-ANCYL yaKwaZulu-Natal sona esivele sakucacisa ukuthi uMotlanthe ungumuntu oqotho ophinde wakhombisa ubuholi obucacile ngesikhathi ebuza imibuzo mayelana nomqulu osubizwa ngeSecond Phase of Transition.

“Simfisela okuhle kodwa kulolu suku lwakhe olubalulekile, ngaphandle kwalokho ungumholi esizigqajayo ngaye,” kusho uVukani Ndlovu we-ANCYL eKZN.

I-ANCYL itusa uMontlanthe nje yagxekwa ngokungathi vu ngosuku lokuzalwa lukaMnuz Jacob Zuma egubha iminyaka engu-70 ngo-Ephreli 12.

Emuva kwalokho lolu phiko lwentsha lwezwakala selufisela uMnuz Thabo Mbeki ngenyanga edlule naye obeqeda iminyaka engu-70.

I-ANC nayo ikhiphe isitatimende sayo izolo ifisela uMotlanthe okuhle kodwa ngosuku lwakhe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.