MINENHLE MKHIZE
I CRICKET South Africa (CSA) ayizimisele ngokushintsha uhlelo oluphoqa amaqembu ekhilikithi eNingizimu Afrika ukuthi asebenzise abadlali bebala abayisithupha kuyo yonke imidlalo yawo.
Lokhu kuvele ngesikhathi Isolezwe likhuluma nomengameli wekhilikithi eNingizimu Afrika, uChris Nenzani izolo ekuseni, ngamahlebezi abesabalele okuthi abadlali abamhlophe abagculisekile ngohlelo lwe-CSA oluphoqa ukuthi kudlaliswe abadlali abamnyama abayisithupha kwabangu-11 abasuke bezoqala umdlalo.
Abadlali abamhlophe okuthiwa kabagculisekile ngabe-Unlimited Titans, Bizhuh Highveld Lions nabeKnights.
Ingqikithi yalolu hlelo wukuthi kube nabadlali abaningi bebala abadlalela iqembu lesizwe lakuleli kwazise kule minyaka eyedlule kube nesikhalo ngesibalo sabadlali abamnyama abagijima eqenjini lesizwe.
Lolu hlelo luphoqa amaqembu ukuthi asebenzise abadlali abathathu abakhuluma ulimu lwesiNguni nabathathu abamnyama kodwa abakhuluma ezinye izilimi.
Kusukela elakuleli labuyiselwa emidlalweni yamazwe, bayisikhombisa kuphela abadlali abamnyama abakhuluma ulimi lwesiNguni abasamele amaProteas emidlalweni yama-Test. Lapha singabala uTemba Bavuma, Kagiso Rabada, Makhaya Ntini, Thami Tsolekile, Mfuneko Ngam noMonde Zondeki.
“Azikho izikhalo ezisathunyelwe kithina njengenhlangano ephethe ikhilikithi eNingizimu Afrika. Nami nje ngigcine ngifunda kwabezindaba ukuthi kukhona abadlali bamaqembu athize abangeneme ngohlelo lokusetshenziswa kwabadlali abamnyama. Mina angiyiboni inkinga ngalolu hlelo kwazise luyasebenza. Lolu hlelo selukhiqize abadlali abaningi abamnyama nabamhlophe abaseqenjini lesizwe nabangqongqozayo eqenjini lesizwe. UTemba Bavuma, Kagiso Rabada noLonwabo Tsotsobe bonke baphuma ngaphansi kwalolu hlelo. U-Eddie Leie, Aaron Phangiso, Chris Morris, Quinton de Kock, Dane Piedt bonke bebedlala ngaphansi kwalolu hlelo,” kusho uNenzani.
UTony Irish, oyisikhulu esiphezulu seSouth African Cricketers’ Association (Saca), ucashunwe ephephandabeni elinguzakwabo we Solezwe, i Mercury, ethi abadlali abamhlophe abeneme ngalolu hlelo kodwa ngeke bateleke.
“Ngicabanga ukuthi kunokungenami okukhona kubadlali ngalolu hlelo. ISaca ayinalo ulwazi ngesiteleka okuthi sihlongozwa ngabadlali abamhlophe. Asikwazi ukuthi bakhona abadlali abangaphakethikile kahle ngalolu hlelo kuzona zonke izinhlanga. Abadlali bakhathazekile ngokuncisheka amathuba okudlala. Le ndaba sizoyidlulisela kuCSA ukuze sibhunge ngayo ngokuhlanganyela nabadlali,” kusho u-Irish.
“Isifiso sethu wukuthi kungabi khona ibala elingaphezu kwelinye emaqenjini akuleli naseqenjini lesizwe. Kufanele amaqembu neqembu lesizwe kwakhiwe ngabadlali bamabala ehlukene. Ngalokho angisho ukuthi abadlali baqokwa ngokwebala,” kusho uNenzani.