I-DA ifuna kudingidwe olwabavukuzi

Comment on this story

I-DEMOCRATIC Alliance (DA) ithi ukumbiwa ngokungemthetho kwamadayimane negolide yinto ekade yaqala ukuba yinkinga kuleli. Ithe kumele ngabe uhulumeni namaphoyisa kade bayazisa imiphakathi ngale nkinga nobubi balezi zenzo.

“Imibiko yakamuva yabavukuzi abangekho emthethweni abagqibeke ngaphansi komhlaba bemba idayimane emayini engasasebenzi eNorthern Cape, yizinkomba zokuthi inkulu inkinga futhi iyaqhubeka,” kusho isitatimende se-DA.

Le nhlangano ithe okungaziwa kahle wukuthi lezi zenzo zokumbiwa ngokungemthetho kwegolide namadayimane kuwukhahlameza kanjani umnotho wezimayini ezisemthethweni.

Leli qembu lithe aliqondi ukuthi yiziphi izinyathelo ezithathwa yiziphathimandla ukulwa nalesi sihlava. Ithe imiphakathi kumele yaziswe ngale nkinga.

I-DA ibe isiphonsela inselelo uNgqongqoshe wezokuMbiwa phansi namaphoyisa ukuba benze isitatimende ngalolu daba. Ithe lolu daba izolubeka nasezithebeni zePhalamende.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.