UMHOLI weDemocratic Alliance (DA), uMmusi Maimane, ehambisana naloyo iqembu elifolosa ngaye kwesobumeya eTshwane, uSolly Msimanga, izolo bebethula ngokusemthethweni izingqwembe zezikhangiso ezinxusa ukuba abantu baseNingizimu Afrika bahloniphe uDkt Nelson Mandela ngokuvotela iqembu labo.
Izikhangiso ezibhalwe ukuthi: Hlonipha iphupho likaMandela, votela iDA zixhonywe ngaphandle ocingweni olubiyele iziNdlu zoMbuso naseduze kwesithombe sethusi sikaMandela ePitoli.
“Bandla lakwethu, ngingowaseNingizimu Afrika noziqhenyayo ngalokho. Ngiyaziqhenya ngemisebenzi yabantu abafana noNelson Mandela abathi noma izimo zizimbi kodwa bangalilahla ithemba lokuthi singcono uma sibambisene. Akufanele neze sikulibale lokho abakuzuzayo bekuzuzela izwe,” kusho uMaimane ekhuluma namalungu eqembu lakhe.
UMaimane usole uMengameli Jacob Zuma ne-ANC ngokudala uqhekeko kubantu bezinhlanga ezehlukene kuleli.
“Asisho ukuthi uNelson Mandela kumele abe yilungu leDA. kodwa esikushoyo wukuthi ayekholelwa kukho kumi inguna phakade. Kwakuyizinto bonke abantu baseNingizimu Afrika ababekholelwa kuzo futhi bezilwela. Akufanele ukuxuba ipolitiki nobuhlanga, lowo wumkhankaso kaJacob Zuma,” kusho uMaimane
Uthe uZuma usebenzisa imigomo yangesikhathi sobandlululo ukukhankasela i-ANC.
“Ufuna ukubuyisa umthetho wangesikhathi sobandlululo iPopulation Registration Act, owawuthi omnyama ngala omhlophe ngapha – okuyikho kanye lokhu uMandela ayelwela ukuthi kuphele. Yilokho-ke uZuma akufunayo kwipolitiki yakuleli. Uthi uma umnyama yiba yileli qembu, uma umhlophe ube yileli qembu,” kuchaza uMaimane.
“UZuma uyakhohlwa wukuthi kunabantu abafana noJoe Slovo, Beyers Naude, Helen Suzman, Ruth First abathi noma babevunwa yimithetho yobandlululo kodwa bazinikela ukulwa nayo.”
UMsimanga uthe njengoba sekusele izinsuku eziyisishiyagalolunye kuyiwe okwethweni lwamhlaka-3 Agasti, uyazethemba ukuthi uzomdlisela ogageni uNkk Thoko Didiza i-ANC efolosa ngaye kwesobumeya eTshwane.
“Ngesikhathi bethi bafuna ukuletha iPhalamende eTshwane babebalekela ukuthi libe ngaphansi komaspala weDA kodwa abakukhohlwayo wukuthi lo maspala vele uzonqotshwa yiDA. Noma bengaliyisaphi iPhalamende lizohlezi lingaphansi kweDA. Kuhle ngoba sidinga zonke izindlu zokulawula izwe (iPhalamende neziNdlu zoMbuso) zibe ngaphansi kwamaspala weDA ukuze zinakekelwe kahle,” kusho uMsimanga.