MALIBONGWE MDLETSHE
IZOBE ingekho futhi i-Egypt kwi-Africa Cup of Nations ka-2013 ezobe isingethwe yiNingizimu Afrika kusukela ngoJanuwari wonyaka ozayo.
OFaro bazoshweba i-Afcon yesibili kulandelana kwazise nakweyakulo nyaka ebisingethwe ngokuhla-nganyela yiGabon ne-Equatorial Guinea bebengabo-nwa neCameroon, Nigeria, neBafana Bafana.
Amaphupho e-Egypt okubuyisa isithunzi e-Afrika aqedwe yiCentral Africa Republic eboshelwe eqoqweni elilodwa neBafana Bafana emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba eseBrazil ngo-2014.
ICentral Africa iyishaye ngo 4-3 i-Egypt sekuhlanganiswe yomibili imilenze yokuhlunga.
OFaro badlale ngokulingana (1-1) neCentral Africa ekuhambeni kanti emdlalweni wokuqala abawudlalela ekhaya bashaywa ngo 3-2.
Nokho kubukeka sengathi iNigeria neCameroon abezukulengela eweni elifanayo njengoba bona sebedlulele esigabeni esilandelayo sokuhlunga lapho abajoyinwe khona yiCentral Africa.
NgoLwesine e-Emperors Palace eKurhuleni kuzoqhathwa amaqembu angu-30 azoshukana esigabeni sokugcina sokuhlungela ukuza kuleli ngonyaka ozayo.
Lesi sigaba sizodlalwa imilenze emibili ekhaya nasekuhambeni ngoSepthemba nango-Okthoba.
Kula maqembu angu-30 sekuvele kukhona la angu-16 abhuquziswe yiZambia e-Quatorial Guinea naseGabon ngoJanuwari.
ICentral Africa Republic ijoyine amaqembu angu-13 azoqhathwa nalawa angu-16.
Amazwe ajoyinwe yiCentral Africa Republic yi-Algeria, Benin, Cameroon, Cap Verde, Liberia, Malawi, Mozambique, Nigeria, Uganda, Democratic Republic of Congo, Sierra Leone, Togo neZimbabwe esabhekene nezinsolo zokuthengisa imidlalo osekudume nge-Asiagate Scandal okuthinteka kuyo uThomas Sweswe noMethod Mwanjale nabanye.
INigeria idlulele kulesi sigaba ngokuthi ishaye iRwanda ngo 2-0 sekuhlanganiswe imilenze yomibili kanti nayo iCameroon idlule ngokuguqisa iGuinea Bissau ngo 2-0 sekuhlanganisiwe kalandela ukunqoba ngo 1-0 kuyo yomibili imilenze.
Ukufadalala koFaro kuyisulubezi elikhulu ebholeni lase-Afrika kwazise isike yaqopha umlando iyinqoba kayisikhombisa i-Afcon.
Leli zwe lasenhla ne-Afrika liqophe irekhodi liyinqoba kathathu kulandelana i-Afcon ngo-2006, 2008 nango-2010.
Nokho kumele kududuze okuvezwe yiCaf ukuthi umqhudelwano wakulo nyaka ubukwe ngabantu abangu-6.6 Billion kuTV phezu kokuba ibingekho i-Egypt, Nigeria, Cameroon nelakuleli.
Amazwe azodlala kuleli ngonyaka ozayo azoqhathwa eThekwini ngo-Okthoba 26.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services