I-etios ishintshe izinto ekudayisweni kwezimoto

Comment on this story
no uti1

UKWETHULWA kwe-Ford Figo nokufika kuzwakale kwe-Ranger kubonakale kube nomthelela omuhle ekudayisweni kwezimoto zakwa- Ford Motor Company of Southern Africa (FMCSA).

UJuni kube ngenye inyanga enhle ekudayisweni kwezimoto kuleli ikakhulukazi lezo ezingama Light Commercial Vehicle (LCV).

Ukuthengwa kwalezi zimoto ngenyanga edlule kunyuke ngo 22,1% okusho ukuthengwa kwezimoto ezingu 13 421 ngo Juni nje kuphela.

Ukuthengwa kwezimoto ezincane nakho kuhambe kahle njengoba kunyukile ngo 14,3% okusho izimoto ezingu 35 918. Lezi zibalo zikhishwe abe-National Association of Automobile Manufacturers of SA (Naamsa). Ukuthengwa kwe-Ford Figo kukhule ngo 23,8% uma kuqhathaniswa noMeyi kulo nyaka. Enye imoto ebonakale ishintsha izinto kube iToyota Etios efike yashintsha izinto yadlula kude iVW Vivo ebilokhu kuyiyo ezihola phambili ezimotweni ezincane. Ezimotweni ezinkulu kubonakala kusazoba umqansa ukuqhwakela ngaphezulu kwe Toyota Hilux njengoba isalokhu izihole njalo phambili. IChevrolet Utility esanda kwethulwa nayo abathengi kubonakala beyamukele ngezandla ezimhlophe njengoba ilele endaweni yesibili ngezimoto ezingu 1 737 ezidayisiwe ngenyanga edlule.

TOP PERFORMING: NEW PASSENGER VEHICLES

1. Toyota Etios 2 105

no uti

2. VW Polo Vivo 2 092

3. VW Polo 2 048

4. Ford Figo 1 371

5. BMW 3-Series 1 280

6. Toyota Fortuner 1 030

7. Toyota Corolla 854

8. Renault Sandero 603

9. BMW 1-Series 528

10. VW Golf 6 481

NEW LIGHT COMMERCIAL VEHICLES

Model Volume

1. Toyota Hilux 3 067

2. CHEV Utility 1 737

3. Nissan NP200 1 530

4. Ford Ranger 1 437

5. Isuzu KB 1 237

6. Toyota Quantam 1 085

7. Nissan NP300 Hardbody 673

8. VW Amarok 517

9. Toyota Landcruiser PU 195

10. Nissan Navara 170


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.