I-Giulietta ikhiqizwe ngokwezinga lezimoto zesimanje

Comment on this story
no eta3

IMOTO: ALFA ROMEO GIULIETTA

ININGIZIMU Afrika isifinyelele ezingeni lamazwe omhlaba ngenxa yezimoto esezikhiqizwa zithunyelwe kuleli, ngaphambilini obekuyinto engaphushwa nokuphushwa.

Kusukela ngonyaka ka 2006 kuze kube yimanje uJuni 2012 kune nezimoto eziningi ezinye ezisatheleka namanje. Uzokhumbula ukuthi unyaka ka 2011 kwa-Alfa Romeo bawuvule nge Giulietta.

Lena yimoto kwa-Alfa Romeo abaqale ukwenza ngayo umsindo ngokutheleka kwayo kuleli ngo 2010. Uma wazi i-Alfa Romeo Spider uzoqaphela ukuthi lezi zimoto ezomndeni owodwa. IGiulietta iphuma nenjini engu-1.4 litre TB turbo-charger ekhiqiza amandla afinyelela ku-88kW lena ewuhlobo lwe-Progression bese kuba khona ethe thuthu ngamandla ekhiqiza angu-125kW iDistinctive.

Kukhona eyokugcina ekhiqiza amandla afinyelela ku-173kW enejubane eliphezulu eligcina ku- 242 km/h.

Le moto ifakelwe uhlobo olusha lwenjini olusanda kudla umhlanganiso ngamandla nokwethembeka.

no eta2

IMOTO YESIMANJE

IGiulietta ikwazi ukulayisha abantu abahlanu asebeqinile futhi bahlale ngokukhululeka. Kwa-Alfa Romeo abajwayele ukwakha izimoto ezidle ngodedangendlale wesikhala ongabeka kuso imithwalo, kodwa lelo gebe bazamile ukulivala kule moto. Okuhle ngayo ukuthi inakho konke okwesimanje umuntu akudingayo emotweni. Lena esesigabeni sokuqala ngolimi lasemalokishini okuthiwa “ebandayo” i-entry level Progression iphuma ne-climate control, ama airbags ayisithupha, istability control, ihill holder, inebhathini lokuyidumisa nokuyicisha elibizwa nge Start&Stop elingadingi ukuthi usebenzise ukhiye.

Itholakala namawindi asebenzisa ugesi. Esesigabeni esiphezulu ziningi izinto abazengezile.

Ngendlela iGiulietta enenjini evuleke ngayo ungalindela ukuthi ingene igamanxe ephaketheni, kodwa ayiyimbi neze ngoba zonke izinhlobo kuthiwa zidla amalitha angu-8 ngebanga elingu-100km futhi kwezinye izikhathi kungaze kufike nasemalitheni amahlanu.

Noma ngivumelana nalokho abakushoyo kwa-Alfa Romeo kodwa kungasho ukuthi uhamba ngesivinini esiphansi kakhulu esingekho ngaphezulu kuka- 80km/h.

Iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu emuva kuka-150 000km uma uyithenge iyintsha sha. I-Service plan eyeminyaka eyisithupha emuva kuka-90 000km kulezi ezinenjini engu-1.4 litre kuphela.

no eta1

AMANANI

1. 88kW 1.4 TB Progression – R243 000

2. 125kW Multiair 1.4 TB Distinctive – R279 900

3. 173kW 1750 TBi Quadrifoglio Verde – R330 275


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.