MHLENGI SHANGASE
IKHOMISHINI eyengamele ukhetho i-Independent Electoral Comission (IEC) isinxuse abantu ukuthi baphume bayovota ngoba kuyilungelo labo ukwenza lokhu.
Le khomishini ithi ukumosha ivoti lakho kusuke kufana nokuthi usuke ubukela phansi leli lungelo elalwelwa.
Ikusho lokhu nje kulandela umkhankaso oholwa ngowayenguNgqongqoshe wezobuNhloli uMnuz Ronnie Kasrils nowayeyiPhini likaNgqongqoshe wezempilo uNkk Nozizwe Madlala-Routledge wokunxusa umphakathi ukuthi ungayivoteli i-ANC okunalokho uvotele amaqembu amancane noma ucekele phansi ivoti layo obizwa ngeSidikiwe! Vukani! Vote No campaign.
Okhulumela i-IEC, uNksz Kate Bapela, uthe abantu abaphume bayovota ngoba kugujwa neminyaka engu-20 elakuleli lakhululeka.
“Kubalulekile ukuthi abantu baphume bayovota ngoMeyi 7 ngoba leli yilungelo eliqukethwe emthethweni sisekelo. Ukucekela ivoti kufana nokuthi usuke ungavotanga ngoba lelo voti alibe lisabalwa, lithathwa njengento engekho,” usho kanje.
Ekhuluma ohlelweni lwezingxoxo ze-SAfm izolo ekuseni, uKasrils uthe uyazi ukuthi lo mkhankaso wabo uzobadalela amazinyo abushelelezi.
Uthe lokhu bakwenza ngoba benothando olukhulu lwe-ANC, okubakhathazayo yindaba yenkohlakalo edla lubi muva nje.
“Siyazi ukuthi lo mkhankaso ngeke uze uzwele kakhulu kwi-ANC kulolu khetho mhlawumbe izolahlekelwa ngu-1% kuphela. Kodwa lokhu kufanele sikwenze ngoba kade sasizama ukuziphakamisa lezi zinto sishiywe ngaphandle,” usho kanje.
UMengameli Jacob Zuma uyithathe njengehlaya eyalo mkhankaso wokuthi abantu bamoshe ivoti labo kunokuthi bavotele i-ANC.
UZuma uthe unethemba lokuthi uzothola ithuba lokukhuluma noKasrils ngoba yena (Kasrils) ne-ANC balilwela ilungelo lokuvota.
“Kuyihlaya ngoba uKasrils wayengeyena nje uzakwethu kodwa engumngani. Mhlawumbe sisazosithola isikhathi sokuthi sihlangane sixoxe ngalokhu.”
I-IEC inxuse labo abazobe besebenza noma abafuna ukuvakashelwa emakhaya ukuthi baphume bayobhalisa njengoba namuhla kuwusuku lokugcina lokwenza lokhu.
UNksz Bapela uthe laba abazovota ngokuyisipesheli ngoMeyi 5 no-6 kumele bayobhalisa ezikhungweni zokuvotela.
“Zibalelwa ku-75 000 izicelo esizitholile zabantu abafuna ukuvota okuyisipesheli. Kulesi sibalo abangu-57 000 bazovakashelwa emakhaya kuthi abangu-17 500 bona bazobe bevotela ezikhungweni zokuvota ngalezi zinsuku ezimbili,” usho kanje.
Uthe abafuna ukubhalisela ukuvota bangakwenza lokhu ngokugcwalisa ifomu iVEC 1 kuwona wonke amahhovisi ale khomishini komasipala. Abangabhalisanga ngeke bakwazi ukuvota ngalezi zinsuku kodwa bazovota ngoMeyi 7.
Ibamba lesikhulu esiphezulu se-GCIS, uMnuz Harold Maloka, linxuse abantu ukuthi baphume bayobhalisela ukuvota okuyisipesheli labo abazobe besebenza.
Uthe nalabo abakhubazekile nezaguga zingabhalisa ukuze zivakashelwe emakhaya.