I- IFP isisole uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngokuthi usebenzisa amandla akhe ukuze kuthathwe omasipala abaphethwe yiNkatha.
USihlalo kazwelonke we-IFP, uMnuz Blessed Gwala, usole uNkk Dube-Ncube ngokuthi akenzi lutho ukuxazulula izinkinga zokushiya phakathi imihlangano noma ukungafiki kwamakhansela e-ANC emihlanganweni yokuhlalisa imikhandlu yaseJozini nowaseNquthu.
UGwala uthe ukugxambukela kukaNkk Dube-Ncube ngokuthi ajube ithimba elizozama ukuthola isixazululo eJozini njengoba umkhandlu ungakahlali kunqinda amandla iMenenja kaMasipala neKhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC).
“Uyisinengiso uNkk Dube-Ncube. Uyagxambukela ngonyawo oluneminkenke lwezepolitiki ukuze i-ANC ithathe amandla omasipala abaphethwe yi-IFP. Sesike sazama ukukhuluma naye kodwa kunzima ukufinyelela kuyena ngoba unezicathulo ezinde, umane akuthume kubasebenzi bomnyango,” kusho uGwala.
Namhlanje kulindeleke ukuthi kuhlale okwesithathu umhlangano wokuzama ukugcoba umkhandlu eNquthu njengoba sekuphazamiseke izikhawu ezintathu ukuhlala kwalo masipala.
UMnyango kaNkk Dube-Ncube ubize isithangami sabezindaba namhlanje ukucacisa ngomasipala abangakahlali nalabo okungawinanga qembu ngamalengiso kubo.
UGwala uthe uma kuke kwahlehla ukuhlala komkhandlu waseNquthu namhlanje banelungelo lokuya enkantolo ngoba sebekhathele ukuphazanyiswa yi-ANC.
“Sizamile ukuhlangana ne-ANC. Asazi umhlangano uzoba nini ngoba siyawubona lo mkhankaso wokuthi siphucwe amandla. UNkk Nomusa Dube-Ncube uyazi ngezinxushunxushu ezenzeka kule mikhandlu okuphazanyiswa ukuhlala kwayo okwenziwa ngamakhansela e-ANC kodwa akenzi lutho ngalokho,” kusho uGwala.
Uthe naseJozini yisimo esifanayo njengoba sekuhlehle izikhawu ezintathu nakhona kungekho sixazululo ngenxa yokuthi amakhansela e-ANC engalubhadi emihlanganweni.
“Bafuna ukuthi le mikhandlu ingabuseki ukuze uNgqongqoshe kazwelonke wezokuBusa ngokubambisana uVan Rooyen (David) ezongenelela esebenzisa isigatshana u-39. Sinobufakazi bokuthi amanye amakhansela ethu ayagwazelwa ukuze avote ngendlela ethile, amanye asekubhaceni ngoba ethola izinsongo zokubulawa eNquthu. Komasipala okunezikhulu ze-ANC ezizame ukugwazela amakhansela ethu kubalwa uNongoma, Dumbe, Ndumeni naseNquthu,” kuqhuba uGwala.
Uthe imikhandlu iphazanyiswa ngabantu abasaba ukuthi i-IFP izophenya ibheshu lenkohlakalo kulabo abebezitamuzela emalini yabakhokhi bentela.
UGwala uthe bayazi nangemi-biko yokuthi iKhabhinethi yesifundazwe izozinza eJozini izinyanga ezintathu wathi lena yimizamo yokuthi iqembu elibusayo lidle lowa mkhandlu.
I-ANC ayitholakalanga ukuthi iphawule.