.
I-JAGUAR XKR 75 eyakhelwe ukugubha iminyaka engu-75 kwasungulwa inkampani iJaguar Motors. Zingu-75 kuphela izimoto zalolu hlobo ezikhona emhlabeni
NGAPHAMBI kokwethulwa kwayo kwa Jaguar bakubeka kwacaca ukuthi kuzokhiqizwa kuphela angu 75 emhlabeni wonke ama-XKR 75. Lesi sibalo nje sisodwa sixoxa indaba ngezinga ekulo nohlobo lwabantu abahamba ngayo le Jaguar. Sekuphele iminyaka emibili yethuliwe, kodwa namanje ayikho lapha eNingizimu Afrika.
Le Jaguar ihluke kakhulu kuma-XKR ajwayelekile avamise ukubonakala kuphela ko-Constantia eCape Town nako- Paarl ezindaweni zomntakabani. Ngesikhathi kuhlanganiswa nenjini yayo kwenziwa isiqiniseko sokuthi inikwa namandla athe thuthu ukuze yehluke kwendala. Amandla enjini angu 655 Newton metres okuyinto engabuzwa ukuthi idinga ukushayelwa ngabantu abanesibindi ngenxa yejubane. I-XKR 75 baqale ukuyikhombisa eBritain embukisweni wezimoto iGoodwood Festival of Speed lapho kwakhonjiswa khona okokuqala i-Audi R8 ngo 2007.
Njengoba ibizwa nge-XKR 75 yingoba yakhiwa ngesikhathi le nkampani igubha iminyaka engu 75 yaba khona emkhakheni wezimoto.
Inhloso yokwenziwa kwe-XKR kwaba ukuthi kwakhiwe imoto ezoba namandla, umumpu ka chassis futhi ezobambelela emgwaqeni ukuze ikhombise izinto ezingenziwa i-XKR.
KwaJaguar bakubeka kwacaca ukuthi izonikeza abanikazi bayo umuzwa wokuhluka kanye nomuzwa ohambisana nomlando wezimoto zakwaJaguar njengoba iphuma nenjini engu 5.0 litre supercharged, amandla afinyelela ku-655Nm kanye nejubane layo eliphezulu elingu- 280km/h.
Ngemizuzwana engu 4.4 iyakwazi ukusuka ku 0 ifinyelele ku-100km/h.
Uzoqaphela ukuthi kule-XKR 75 bathe ukuwushintsha u-suspension okwenza ihlale mba emgwaqeni.
Ukuqinisekisa ukuthi noma ihamba ngejubane eliphezulu, kodwa ayiphephuki igcwale umgwaqo. KwaJaguar benze isakhiwo sayo sakwazi ukuthi iphambane nomoya (aerodynamic). Lokhu kuhambisana ne-spoiler eside sangemuva esenza ukuthi ibhalanse. Okunye abakwengezile i-Active differential Control esebenza ngekhompyutha evimbela ukungqangqazela kwesiteringi uma imoto ihamba ngejubane eliphezulu Ngaphambili zonke izinto zenziwe zaqondaniswa nomshayeli okwenza kungabi lula ukuthi amehlo akhe asuke emgwaqeni.
Izokudida ngaphakathi ngoba bayigqize ngombala omusha ompunga obizwa nge-Stratus Grey. Amasondo akhona angu 20 inch aphuma nerimu lakhona.
IZINTO EZITHOLAKALA KWI XKR 75
ITorque ifinyelela ku 655Nm (eye-XKR itorque isemi ku 625N).
U-suspension wayo bawenze kabusha.
Izi-pringi ngemuva nangaphambili bathe ukuziqinisa, bayengeze nge- aluminium ngemuva nangaphambili .
Bayakhe yaba yi-Aerodynamic ukuze ikwazi ukuphambana nomoya.
I-exhaust yakhona isiwuhlobo lwe-Sports okuyinika amandla nomsindo oqoqekile.
|
|
Services