I-Megane ishintshe ukwenza

Comment on this story
no megane1 ISOLEZWE AbakwaMegane bathi ubuchwepheshe besimanje okubalwa kubo i-navigator eno-google, i-aircon ezishintsha yona umoya nobunye benza impilo ibe lula.

UMHLAZIYI: FANELESIBONGE BENGU

IMOTO: RENAULT MEGANE

UKUSHUBISA umbango wabathengi bezimoto ezincane ezingama hatchback, abakwaRenault bethule iMegane entsha abethemba ukuthi izoheha abathengi.

Yize uma uyibuka ungaze uzitshele ukuthi ngendala kodwa ithe ukuhluka kancane indlela ebukeka ngayo, ubuchwepheshe besimanje obutholakala kuyo kanye namanani ayo.

Lezi zimoto zihlukene kathathu njengoba kukhona eyi-hatch, i-coupe neyi-sport.

AbakwaMegane bazishaya isifuba ngokuthi izimoto zabo zishibhile uma uziqhathanisa nezinye, ikakhulukazi i-coupe okungadingi ukuthi ufake imali ethe xaxa uma uyidinga. Yize unganenezeli ngamali kodwa bona banenezele ngezinto enazo.

no megane2 ABANTU abasha bazohleka bodwa ngokuzwa izindaba zokuthi isithelekile iRenault Megane entsha ehlukene kathathu njengoba kukhona i-hatch, coupe neyi-sport. AbakwaMegane bathi ubuchwepheshe besimanje okubalwa kubo i-navigator eno-google, i-aircon ezishintsha yona umoya nobunye benza impilo ibe lula ISOLEZWE

UHLOBO LWE Hatch

Kule eyi-hatch zikuhlakisiwe zaba zine njengoba kukhona i-1.6 Expression okuyiyona eshibhe kunazo zonke kodwa egabe ngezinto eziningi njengobuchwepheshe besimanje obuhlanganisa i-cruze control, amawindi kagesi angemuva nangaphambili, ama-airbag ayisithupha, amarimu angu-16 inch, i-radio ene Bluetooth nendawo yokufaka i-iPod nama fog lights.

Ngokufaka uR10 000 ngaphezulu ungazitholela I-1.6 Dynamique yona eshaya ngeTomTom Live navigation, amalambu eLED akhanya emini no17 inch wamarimu.

Kulo mndeni weDynamique sekuzalwe neka-diesel, i-1.6 dCi ekhipha eyakudala i-1.9 dCi.

Eyokugcina yi-1.4 Turbo GT Line yona eshaya ngo-17 inch wamarimu, izihlalo zesikhumba, dual-zone climate control, ne-3D Arkamys audio system, rear parking sensors, dual-zone climate control ehlola iqophelo lomoya nama-wiper azishaya wona.

Le yiyo engithole ithuba lokuyishayela kanti engikuzwile ngayo wukuthi kulula ukushintsha amagiya kanti uma unyathela amafutha iyasukuma futhi yenze nomsindo ozwakala kamnandi ezindlebeni uma ucime i-radio. Ngaphandle kokuba mnandi ekuyishayeleni, kayinawo amabhathini amaningi angaze akudide ukuthi ngawani.

Copy of no megane3 [1] ABANTU abasha bazohleka bodwa ngokuzwa izindaba zokuthi isithelekile iRenault Megane entsha ehlukene kathathu njengoba kukhona i-hatch, coupe neyi-sport. ISOLEZWE

ICoupe

Akungabazeki ukuthi lama Coupe akwaMegane angamanye okuyiwona ashibhe kunawo wonke uma uwaqhathanisa neyakwaVW iScirroco, Opel Astra GTC namanye.

I-1.6 Expression coupe ifana ne-hatch imali yayo kodwa yona ihluke ngokuthi i-sporty futhi ishaya ngo-bumper onombala omnyama. Nayo ishaya nge cruze control ene-speed limiter, angu-16 inch nama-fog lights ne-aircon

I-1.4 Turbo GT Line nayo Ibiza imali efanayo neDT Line enezicabha ezinhlanu kanti ishaya ngeTomTom Live navigation no-bumper osuwenziwe kabusha, i-sunroof (umauyifuna), isteringi sesikhumba ne-rear parking sensor.

Izinjini namandla

Ukuqala nje nge-1.6 Expresion yona ikhahlela amandla angu-81KW ne-torque engu-151. Le moto bathi kuyithatha imizuzwana engu-10.5 ukufika ejubaneni elingu-100km/h.

I-1.6 Dynamique nayo iyafana ne-Expression njengoba inamandla angu-81KW ne-torque engu-151. Njengayo i-Expresson, kuyithatha imizuzwana engu-10.1 ukufika ejubaneni elingu-100km/h.

Entsha i-1.6 dCi Dynamique yona bathi idle ngo-96KW wamandla ne-torque engu-320. Le moto eshaya ngamagiya ayisithupha bathi kuyithatha imizuzwana engu-9.8 ukufika ejubaneni lika-100km/h.

Okuyiyona enamandla okuzidlula zonke kuma-hatch yi-1.4 Turbo GT Line yona ekhipha amandla angu-96KW ne-torue ngu-190. Yona bathi kuyithatha imizuzwana engu-9.7 nje vo ukufinyelela ejubaneni elingu-100km/h.

AmaCoupe njengoba ehlukene kabili nje eyokuqala i-1.6 Expression yona inamandla angu-81KW ne-torque engu-151. Ukufika ejubaneni lika-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-10.5 kanti ujubane layo elikhulu ngu-195km/h.

I-1.4 Turbo GT Line yona ishaya ngo-96KW ne-torque engu-190. Bathi kuyithatha imizuzwana engu-9.6 ukufika ejubaneni lika-100km/h kanti ijubane layo elikhulu ngu-200km/h.

I-Warranty

Yonke inhlobo ye-Megane iphuma ne-warranty yeminyaka emihlanu ngemuva kokuhamba ibanga lika-150 000km. Iphinde ibe ne-service plan yeminyaka emihlanu ngemuva kokuhamba ibanga lika-100 000km.

Amanani

1.6 Expression - R209 900

1.6 Dynamique - R219 900

1.6 dCi Dynamique - R269 900

1.4 Turbo GT Line - R249 900

Coupé

1.6 Expression - R209 900

1.4 Turbo GT Line - R249 900


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.