I-Nehawu icasulwa olwemishanguzo

Comment on this story
no Copy of br Aaron Motsoaledi 918 INLSA UNGQONGQOSHE wezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi uveze ukuthi izifundazwe sezilahle imishanguzo ebiza imali enkulu ngoba kuthiwa seyiphelelwe yisikhathi. Isithombe: LEON NICHOLAS

INTATHELI YESOLEZWE

SEYIZWAKALISE ukukhathazeka ngenani lemishanguzo elahlwa yiMinyango yezeMpilo eseyiphelelwe yisikhathi, inyunyana yabasebenzi iNational Education, Health and Allied Workers’ Union (Nehawu).

UMnuz Sizwe Pamla weNehawu, uthe bakhathazekile ngemibiko yokulahlwa kwemishanguzo.

Kuthiwa iMinyango yezeMpilo ezifundazweni ezahlukene ilahle inqwaba yemishanguzo ngoba seyiphelelwe yisikhathi ngo Ephreli 2011 kuya ku-Ephreli 2012.

Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi (osesithombeni) ngesikhathi ephendula imibuzo ebibhekiswe kuye ePhalamende kuleli sonto.

UDkt Motsoaledi uveze ukuthi isifundazwe iWestern Cape yiso esilahle imishanguzo eminingi kunazo zonke izifundazwe njengoba kuthiwa ilahle imishanguzo ebiza u-R3.4 million lokhu kulandelwe yisifundazwe iKwaZulu-Natal elahle ebiza u-R2.8 million.

UPamla uthe kuyaxaka ukuthi kukhona imishanguzo ebiza imali engaka elahlwayo kube kukhona abantu abaphindiselwa emuva ezibhedlela ngoba ingekho imishanguzo.

“Baningi abantu abaphindiselwa emuva ngenxa yokushoda kwemishanguzo kepha nakhu manje sizwa kuthiwa imishanguzo ebiza imali engaka ize iphelelwe yisikhathi kuze kube nesidingo sokuthi ilahlwe,” kusho uPamla.

Uthe basola ukuthi le mishanguzo eze yaphelelwa yisikhathi yile yezifo ezisuke zifike ngaleso sikhathi bese kuthengwa imishanguzo eminingi kakhulu ingasetshenziswa bese igcina isiphelelwe yisikhathi.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Joe Maila, uthe ngeke bakwazi ukuphendula ukuthi yimiphi imishanguzo egcina iphelelwe yisikhathi.

Kepha uthe uma imishanguzo isiphelelwe yisikhathi kubalulekile baqikelela ukuthi ilahlwe lapho ingeke igcine isetshenziswe abantu.

UPamla uthe bafisa kwenziwe uphenyo ngokuthengwa kwemishanguzo ngoba kungenzeka ukuthi laba abathengela uhulumeni imishanguzo abakwazi ukwenza lo msebenzi.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.