I-Qashqai entsha isandisile isikhala sokulayisha

Comment on this story
no plus22

IMOTO: Nissan Qashqai

NAMANJE angiqondi ukuthi kungani kwa Nissan bengavelanga bayikhipha nalena enezihlalo ezimbili ezengeziwe iQashqai ngesikhathi yethulwa okokuqala eNingizimu Afrika ngo 2008. Le Qashqai +2, iqondiswe kakhulu kubantu abanemindeni noma abanenqwaba yabangani ngoba iwumgodi ongagcwali.

Ngikhala ngokuthatha isikhathi eside nje ngaphambi kokuthi bayethule ngoba kunabantu abaningi abasahamba ngalena enezihlalo ezilayisha abantu abahlanu abanye abasanda nakuyithenga. Ngesikhathi sivivinya iQashqai +2 kungicacele ukuthi lena endala iyafana nemoto encane, umehluko nje wukuthi yona idle ngokuphakama.

Isikhala ngaphakathi sandisiwe okuyinto enhle uma imoto isizolayisha inqwaba yabantu. Ngaphambili maqondana nomshayeli bayihlele kabusha. Bheka nje ngoba isiphuma neBluetooth kanye ne radio konke okulawulwa umshayeli esiteringini.

Idonsa ngamagiya ayisithupha aya phambili azingenela kalula.

Ngesikhathi ngihamba ngayo bekufika lapho ngilibala khona ukufaka igiya lesithupha ngenxa yamandla egiya lesihlanu namanye angaphansi.

no plus2

Amandla ayo nokubambelela kuzwakala kahle uma ulayishe abantu, ngoba uma uzigengqezela wedwa ivele iphephuke ngesikhathi ucindezela kakhulu amafutha.

Ezindaweni eziyimimango izokuphoxa ngoba iphenduka isindandanda, kodwa uma umgwaqo uthule uqondile ubona ngoba isigamanxa ku-200km/h ingazwakali.

Amasondo ayo angu-18 inch ahambisana nerimu elisha ngezinye zezinto eziyinika isithunzi.

Izihlalo ezengeziwe zangemuva akulula ukuthi uzibone ngoba zilala mba phansi kwande isikhala sebhuthi. Okudingeka ukwenze wukudonsa okusantambo bese ziyaphakama.

Zibukeka zisasigqiki kodwa uma usubeka isinqe wubuntofontofo bodwa.

EZOKUPHEPHA

Amabhuleki akhona aphuma ne-Advance Braking Syste, i-EBD ne Brake Assist. Zonke izihlalo zinamabhande, bese kuba khona ama airbag ayisithupha aze ayogamanxa ezihlalweni ezingemuva okusho ukuphepha okusezingeni.

Iphuma ne- Warranty yeminyaka emithathu emuva kuka-100 000km kanye ne service plan ka-90 000km yeminyaka emithathu.

INJINI: 2.0 litre

AMANDLA: 110Kw

ITORQUE: 320Nm


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.