I-Roadlink iyalelwe ukunxephezela umgibeli ngo-R1m

Comment on this story
no Copy of NM SIPHO2 INLSA UMNUZ Sipho Shezi owalimala engozini yebhasi yakwa-SA Roadlink uzonxeshezelwa ngo-R1 million. Isithombe: DOCTOR NGCOBO

INKAMPANI yamabhasi edume kabi ngezingozi ezinyantisayo, i-SA Roadlink, iyalelwe yinkantolo ukuthi ikhokhele owesilisa owalimala egingqika nebhasi layo u-R1 million wesinxephezelo.

NgoMsombuluko inkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iyalele abe-SA Roadlink ukuba bakhokhele uMnuz Nkosiyabo Shezi (28) waseFolweni, eThekwini, ngengozi eyenzeka ngo-2006 emgwaqweni onguthelawayeka u-N3 ngaseLiberty Mall eMgungundlovu. Kwashona abantu abangu-12 kwalimala kanzima abangu-30.

Le ngozi yashiya uShezi, onezingane ezimbili, ekhubazeke ngokomqondo, ephuke amalunga amaningi omzimba kanye nomgogodla. Uthe akakwazanga ngisho nokuya enkantolo ngenxa yokweswela imali yokugibela. Uthi akakwazanga futhi ukuphothula u-matric ngemuva kwengozi.

Ebuzwa ukuthi uzoyenzani le mali, uShezi uthe uzoyilondoloza, avule i-car wash enye ayiphe unina odayisa ngamakhambi eGoli obemeseka ngaso sonke isikhathi.

“Ngijabulile ngesinqumo senkantolo, angikhonondi futhi ngenelisekile ngemali engizoyithola. Namanje ngisazizwa izinhlungu zokulimala ekhanda nasemzimbeni,” kusho uShezi.

Inkantolo iyalele abakwa-SA Roadlink ukuthi bakhokhele abameli bakaShezi benkampani i-Afzal Akoo and Partners izindleko zecala kanye nochwepheshe abebekade befakaza.

Okhulumela abe-SA Roadlink, uNolin Padayachee, akazange akwazi ukuphawula ngesinqumo senkantolo.

Ngonyaka odlule le nkampani yamabhasi yayalelwa ukuthi inxephezele uMnuz Wellington Manana naye owalimala kuyo le ngozi. – Intatheli yeSolezwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.