I-SABC imise uhlelo oluthinta iMangaung

Comment on this story
no Copy of NO sakina kamwendo Supplied Sakina Kamwendo

INGXOXO ebihlelwe ukuthi isakazwe kwiMetro FM ithinta ingqungquthela ye-ANC eMangaung imisiwe ngenxa yokuthi akukho muntu waleli qembu obemenyiwe. Lokhu kushiwo ngabakwaSABC izolo.

“Umbono wethu ulula, udinga ukubiza abantu be-ANC ukuba babe yingxenye yohlelo ngoba vele kukhulunywa ngabo,” kusho uHlaudi Motsoeneng, oyiChief Operating Officer kwaSABC.

Kulolu hlelo bekumenywe abahleli bezepolitiki bamaphephandaba ukunguMnuz Sthembiso Msomi weSunday Times, uMnuz Sam Mkokeli weBusiness Day noMnuz Andrew England weFinancial Mail.

UMsomi uthe ukumiswa kwalolu hlelo kumphoxe kakhulu umethuli walo uSakina Kamwendo.

“Besingayile laphaya ukuyoxoxa nge-SABC, i-ANC noma into ethinta ngqo ipolitiki.

“Uhlelo belumayelana nabezindaba nendlela ababika ngayo ngeMangaung,” kusho uMsomi.

“USakina ubesimeme ngokwakhe futhi ngicabanga ukuthi unalo ilungelo lokwenza lokho.”

UKamwendo akashongo ukuthi ngubani okhiphe umyalelo wokuthi lungaqhubeki lolu hlelo.

Ngemuva kokutshelwa ukuthi angaqhubeki nalo uzwakale esekhala emoyeni ngesikhathi ememezela “ngesinqumo sabamphethe”.

ULeslie Ntloko, oyiGroup Radio Executive, uthe abaphathi balunikwe sekuhambe isikhathi uhlu lwabantu abebemenyiwe.

Ngesikhathi abaphathi sebebona ukuthi akukho noyedwa kwi-ANC omenyiwe, balumisile. – Intatheli yeSolezwe


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.