CELANI SIKHAKHANE
I-SOUTH African Communist Party (SACP) isikubeke kwacaca ukuthi ifuna uSihlalo wayo uMnuz Gwede Mantashe aqhubeke nesikhundla sakhe kwi-ANC sika Nobhala-jikelele.
AmaKhomanisi akusho lokhu ngesikhathi kuvulwa ingqungquthela yokukhetha ubuholi eqhubekayo eNyuvesi yaseZululand, eSikhawini.
UNobhala -Jikelele we-SACP uDkt Blade Nzimande uthe njengamaKhomanisi basabethemba ubuholi be-ANC obukhona njengamanje yingakho befuna buqhubeke.
“Sigculisekile ngokubakhona kukaMantashe ku-ANC yingakho sizomnikeza elinye ithuba lokuba kulesi sikhundla asiphethe ku-Khongolose. Ngaphandle kwalokho sigculisekile ngobuholi bukaMengameli Jacob Zuma nokusebenza kukahulumeni awuholayo,” kusho uNzimande.
Ukusho lokhu egxeka nezinyunyana ezikhononda ngokubakhona kwabaholi be-SACP kuhulumeni ngoba zikhala ngokuthi lolu hlaka lwamadlelandawonye selucheme nongxiwankulu lwadayisa abasebenzi nezinyunyana.
UNzimande uthe izinyunyana ikakhulukazi iNumsa kumele zihlukane nokubanga umsindo ngabo, isinqumo sokujuba abaholi babo kuhulumeni basuke bezithathele bona njengohlaka oluzimele.
“Uma sebezokhalaza njenge-DA lokhu asikuzwa kahle kodwa okufanele bakwenze ukuthi beze kithi sixoxe ngalokhu abakhala ngakho,” kusho uNzimande.
Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ikhethe ubuholi obusha uSihlalo kube uMnuz Senzeni Zokwane weNum asekelwe uMnuz Thulas Nxesi.
UNzimande yena izithunywa zimthwele ngeqoma ukuthi abuyele esikhundleni asiphethe bese kuthi ihhovisi lakhe libe namaPhini amabili ukuze akwazi nokuqhubeka nomsebenzi wakhe kuhulumeni.
Le ngqungquthela sekungeka-13 kanti okokuqala ngqa emlandweni wamaKhomanisi ukuthi ayibambele Kwazulu-Natal.
Kule ngqungquthela i-SACP iphinde yakhwela yazehlela enhlanganweni esakaza ngomoya kuleli i-SABC ngokunikeza isikhathi labo ababonakala behambisana noMnuz Julius Malema osaxoshwa ku-ANC.
UNzimande uthe bafuna ilungiswe le nto ngoba i-SABC ibonakala isiphenduke ubhongoza ekudaleni uqhekeko eqenjini elibusayo ngokulokhu inikeza ithuba abantu abalwisana nobuholi bukaZuma.
Uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokufakwa endalini kwe-Independent Newspapers esingethe amaphephandaba okubalwa kuwo neSolezwe, wathi banovalo lokuthi kungenzeka ithengwe ongxiwankulu laba abanezinhloso zokulwisana nohulumeni obusayo.
Ngaphandle kwalokho i-SACP ifuna iqiniswe indaba yokulwa nenkohlakalo kangangokuthi ifuna kuqale ngezikhulu ezingofishi abakhulu kuleli ukuze nabantu babone ukuthi kuyaliwa nayo.
Le nhlangano ifuna iqedwe indaba yamathenda kodwa uhulumeni nomasipala bazenzele umsebenzi kuqedwe nama-labour brokers.
I-SACP ifuna kuphinde kuqiniswe ukuthuthukiswa komnotho ngokuthi kutshalwe izimali ezinhlakeni ezizohlomulisa imiphakathi esemazingeni aphansi.
Le ngqungqutheka kulindeleke ukuthi iphothulwe ngeSonto kanti namhlanje kuzokhuluma uMengameli Jacob Zuma.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services