Advertisement

I-Sanco icikwe yisenzo sikaSexwale

INTATHELI YESOLEZWE

INHLANGANO yomphakathi iSouth African National Civic Organisation (Sanco) isisabise ngokuthi izokwenza konke okusemandleni ukuthi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwabantu, uMnuz Tokyo Sexwale (osesithombeni), angabuyeli esikhundleni sakhe ngenxa yokuthula uma kudilizwa izindlu ezakhiwe emhlabeni kahulumeni eLenasia eGoli.

IMIZI eyakhiwe endaweni kahulumeni e-Lenasia Ext 13 idiliziwe ngesonto eliphelile ngoba uhulumeni waseGauteng ubufuna ukukhombisa unya kwabadayisa ngomhlaba ngokungemthetho.Isithombe: PHIL MAGAKOE. Credit: INL SA

Okhulumela i-Sanco, uMnuz Dumisani Mthalane, uthe ukuthula kukaSexwale bakuqophile ezingqondweni zabo ngoba kuyabakhathaza.

Izindlu ezibalelwa ku-50 zadilizwa nguMnyango wezeZindlu eGauteng ngoNovemba 8 no-9. Umnyango wathi izindlu zakhiwe endaweni okufanele kwakhiwe kuyona izindlu zemixhaso.

UMthalane uthe ukuzithela ngabandayo kukaSexwale kukhombisa ukuthi uselahlekelwe wubuholi ayekade enabo phambilini.

Eqhubeka nokugxeka uSexwale uMthalane uthe uthule ngoba kuza ingqungquthela yokukhetha ubuholi eMangaung ngenyanga ezayo.

Uthe lokhu kufana nokuthi uthengise ngabantu bakuleli ngoba encenge ukuthi labo abafuna izikhundla eMangaung banganyatheleki amakhona.

Le nhlangano ibuye yakhwela yadilika kuNdunankulu waseGauteng, uNkk Nomvula Mokonyane, imgxeka ngokuthi naye uthengise ngabantu.

Ephendula ngesonto eledlule ngokudilizwa kwezindlu zabantu, uNkk Nomvula Mokonyane, uthe bakwenza lokhu ngoba babefuna ukuthumela umyalezo oshubile kulabo abadayisa umhlaba ngokungemthetho.

UMthalane uthe bayaphoxeka uma bebona i-ANC ithule cwaka eGoli ekubeni kwathunazwa amalungelo abantu ngokubhidlizwa kwemizi yabo.

Ukudilizwa kwezindlu kumisiwe kulandela ukuthi ikhomishini ebhekele amalungelo abantu ithole incwadi ephuthumayo eNkantolo eNkulu yaseGoli lapho kuvinjwe khona ukuthi kuqhutshekwe nokudilizwa kwemizi yabantu. Icala lizongena ngoLwesihlanu oluzayo kule nkantolo. Okhulumela uSexwale akathola-kalanga ukuze aphawule izolo.

SHOW ALL
Advertisement