I-Volvo C70 islahla esenela noma ngubani

Comment on this story
no ccc1 . KUTHATHA imizuzwana engu 20 ukuvula uvale ukhakhayi kulesi slahla sakwa Volvo, kanti okuhle ngaso ukuthi nabantu abade bangena bakhululeke kuso

INGQOMONDO yomdondoshiya wendoda esukile akumele ikhathazeke ngokuthi izoba nenkinga uma ingena kwi-Volvo C70 (islahlamatende) ngenxa yokuthi isikhala phakathi kwekhanda nokhakhayi le moto sanele ngendlela yokuthi angeke nangengozi uze uzithole usushayisa ophahleni lwemoto uma kuba nenkinga.

Isikhala nje esikhona phakathi kwekhanda nokhakhayi siyagculisa. Phela imakwabo le ingakubukisa ngabantu uma uzoyizela ngobuso ngoba indawo kakhiye ingakwesokunxele, okuyinto engajwayelekile kuleli.

Kumele uthi ukusiqinisa isandla ukuze ishaye ukhiye idume.

Uma ungaphakathi uphephe ngokwanele kule C70 ngoba iphuma nama airbag ezinhlangothini, kumshayeli nephasenja, akulula nokuthi uma nishayisa ngasohlangothini nilimale.

Ezinye izinto enazo iSide Impact Protection System ehambisana nama airbag. Kukhona nenye i-airbag eqhamuka okhakhayini evikela amakhanda iRoll Over Protection System, Anti Brake System, Electronic Brakeforce Distribution, Electronic Brake Assist, Dynamic Stability neTraction Control.

Noma usungene ngaphakathi wanethezeka, kodwa angeke nje uvele ufake kalula igiya noma ngabe iwuhlobo lwe-automatic.

no ccc

Kudingeka ukuthi uciphize inkinobho ekulo igiya ukuze lihlehle kalula. Lokhu kwenzelwa ukuqinisa ezokuphepha nokuthi abafana bangayithathi kalula.

Sebeyongixolela kwa-Volvo, cha yinhle impela ngaphandle kodwa ngaphakathi ohlangothini lomshayeli ibahlulile.

Mhlawumbe kungenzeka ukuthi yimina ongazazi izinto njengoba ngiziphumela eStonehill, kodwa baningi abavumelana nami. Lolu gabagaba lwesikhala esishiywe ngemuva ngakwesokunxele lapho kukhona umsakazo ngempela esani.

Engikuqaphelile ukuthi nakuba kuyi “slahla”, kodwa isikhala sanele ukuhlala abantu ababili ngokukhululeka. Itholakala ngemibala eyisishiyagalombili ehlukene, nosayizi abahlukene bamasondo namarimu akhona kusukela ku 17 kuya ku 18 inch.

Noma ifakelana amehlo, kodwa ngikuqaphelile ukuthi yinhle kakhulu uma ivuliwe ngoba ukwazi ukubona kahle ingaphandle nengaphakathi layo.

Kuthatha imizuzwana engu 20 ukuvula nokuvala ukhakhayi lwayo olunqamuke kathathu.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.