I-Volvo XC 60 yakhelwe noma ngubani

Comment on this story
no cot11

IMOTO: Volvo XC 60 3.0T

INANI: R573 400

SEZADLULA lezo zikhathi lapho iVolvo kwabe kuyimoto ye“genge endala” njengoba manje sebezishintshile izinto. Ingcwephelezi kakhiye i-XC 60 iyona ebonakale ifika yashintsha izinto ezininigi kwa-Volvo ngesikhathi beyethula eminyakeni emibili edlule.

Muva nje izimoto zale nkampani ziyalusika ukhasi njenge-C30 ethandwa kakhulu yigenge esencane.

Sengibuyela kwi-XC 60 entsha, ishaya ngedabuli ye-turbocharger okuyinto engabuzwa ukuthi nasephaketheni ingena igamanxe ikakhulukazi kuphethiloli.

Kumele uzimisele ngokuhlukana nemali uma uzohamba ngale moto. Bheka nje ngoba injini yayo ikhiqiza amandla angu-224kW ne-torque engu-440Nm.

no cot KUMELE uzilungiselele ukuthi uzongena uphuma egaraji uma uhamba nge-Volvo XC60 ngoba iyawudla u-petrol. Le moto isike yaqokwa embangweni wesicoco semoto yonyaka eNingizimu Afrika ngo 2009 .

Lena endala ibinamandla enjini angu-210kW kanye ne-torque engu-400Nm. Okuhle abakwenzile wukuthi noma iwuhlobo lwe-sport, kodwa kwaVolvo abazange bawehlise u-suspension njengoba nalena isawushiyile umhlaba ngo- 230mm.

Ezindaweni ezimbi ezinemigwaqo engahambeki kalula i-XC 60 izihambela kalula.

Amasondo ayo angu-20 inch ahambisana nerimu layo eliyi-sporty anezezela ubuhle nokubambelela emgwaqeni.

Amapayipi amabili agqize nge-chrome ayixoxa yonke indaba ngale moto namandla enjini.

Izibuko zidlise ngombala ocwebezelayo okuyenza iphelele ekubeni yimoto eyi-sporty.

Bebengeke balenze iphutha ngokungazishintshi izihlalo nazo eziyi-sporty.

Okhakhayini iphuma nama-roof rails ahambisana nombala ocwebezelayo abawufake phansi ezicabheni ezinhlangothini zombili.

Isicabha sangemuva i-tailgate ivulwa ngebhathini.

Amalambu ale XC 60 awashwa ama-wiper njengewindi langemuva nangaphambili.

Njengoba kuyimoto elungele abantu abasebasha kwaVolvo abazange bayirobhe emsindweni ngoba iyagqoma, iphuma ne-amplifier nezipikha ezinguyisishiyagalombili. Iwuhlobo lwezimoto esesigabeni sama-SUV okuyisigaba esinzima kakhulu ngenxa yomncintiswano okhona kuso.

Enye imoto eze kabi kulesi sigaba yi-Audi Q5 neLand Rover Freelander 2.

SESISONGA NGAYO

Zimisele ukukhokha ngoba iyagwinya kuphethiloli. Naphambilini ngesikhathi ngiyivivinya okokuqala ngakusho ukuthi musa ukuyithengela ukwehla wenyuka ngayo kodwa isebenzisele ukuhamba nomndeni ngoba inesikhala ongalayisha kuso impahla esingu-655 litres.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.