IBANJWE ngumuntu waseMnambithi iPowerBall PLUS yezigidi zamarandi ebilokhu iphunyuka ingabanjwa wumuntu. 
Ithuba, okuyinkampani eyengamele iLotto kuleli, ithe ithikithi eliwine izolo uR58,740,409.21 lithengwe eDe Francas Spar, eMnambithi. 
Owinile udlale i-quick pick kaR30. 
Onqobile kuthiwa ubengaveli ukuzothola umhlomulo wakhe.
Ithuba ligqugquzele abantu ukuthi babheke amathikithi abo futhi bavakashele amahhovisi abo ezifunda noma izitolo beyobheka amathikithi. Bonke abanqobile banezinsuku ezingu-365 zokuthi balande umhlomulo wabo.