Advertisement
X

Ibanjwe nesibhamu inyanga iyobethela

IBANJWE nesibhamu ilungiselela ukuyobethela umuzi inyanga eneminyaka engu-35 yaseFolweni.

Le nyanga ibanjwe izolo ekuseni iyohlangana nomuntu obefuna iyoqinisa umuzi ngoba bezoba nomcimbi womhlonyane ngempelasonto.

INYANGA ebhadanywe ngamaphoyisa nesibhamu eThekwini izolo.Izithombe: DOCTOR NGCOBO. Credit: INLSA

Iboshwe emuva kokuthi amaphoyisa ebone amadoda amane ephethe izikhwama ezisolisayo ase ecela ukubheka okuphakathi.

Kuthiwa inyanga isuke eFolweni ekuseni ngoba ithi iyohlangana nowesilisa (27) waKwaMakhutha obezokwenza umcimbi wokukhulisa udadewabo ngempelasonto.

Bahlangane eThekwini ngoba inyanga ithi ifuna ukuthenga umuthi omhlophe obuzosetshenziswa ngesikhathi iqinisa umuzi.

Inyanga iboshwe nabanye abalisa ababili emuva kokuthi omunye wabo ebalekile. Omunye wabalisa ababoshwe nayo utholakale nezinhlamvu zesibhamu.

Okhulumela amaphoyisa eDurban Central, uCaptain Khepu Ndlovu, uthe laba baboshwe emuva kokuthi amaphoyisa abeqaphe isimo eThekwini njengoba kuza amaholidi ebone bephethe izikhwama ezisolisayo.

“Ukubanjwa kwabo kukhombisa ukuthi baningi abanye abantu abahamba bephethe izibhamu ezingekho emthethweni. Lesi sibhamu kungenzeka ukuthi besizosetshenziselwa ukwenza ubugebengu noma ukuhlukumeza abantu. Sizosihlola sibheke ukuthi asikaze yini sisetshenziselwe ubugebengu,” kusho uNdlovu.

Ngesikhathi amaphoyisa ebabheka izikhwama le ndoda ibaleke isuka kuWest Street yaze yayobanjwa ngaku-Williams.

Esikhwameni sayo bekunamakhathakhatha nesibhamu sohlobo lwe-9 mm esihambisana nezinhlamvu. Kulindeleke ukuthi inyanga ivele eNkantolo yeMantshi eThekwini maduze.

SHOW ALL
Advertisement