IBanyana ithelwe ngehlazo kuma-Olympics

Comment on this story
Copy of MDF46845 REUTERS UKUZIMISELA kuka-Amanda Dlamini weBanyana Banyana lapha obebanga ibhola noLotta Schelin weSweden kugcine kungathelanga zithelo ezitheni njengoba iBanyana ikhale ngaphansi kulo mdlalo kaGroup F kuma-Olympics eLondon izolo ebusuku.

ZAKHELE XABA

South Africa (0) 1

Sweden (3) 4

LIVULE ngesibhaxu iqembu lesizwe lebhola labesifazane lakuleli, iBanyana Banyana emidlalweni yama-Olympics eqale izolo ebusuku, eCity of Coventry Stadium, eLondon.

IBanyana eqalayo ukungena kulo mqhudelwano ithelwe ngehlazo lika 4-1 yiSweden emdlalweni wokuqala kaGroup F okungelinye lamaqembu ahlonishwayo ebholeni labesifane emhlabeni. Kulo mdlalo kucace zisuka ukuthi iBanyana ihlangene nezimbila zithutha njengoba iSweden ishaye ipali kwaze kwaba yikathathu umdlalo usanda kuqala elakuleli lingakaze limkhahlelele nakanye unozinti obechitha isikhathi esiningi ezipholele.

Yize iBanyana iqale yakhombisa ukuba novalo kodwa ngokuqhubeka komdlalo ikhombise ukuzinza, yakha amathuba kodwa yehluleka ukuwaqedela nokwenze zishitshe ngo 3-0. Amagoli eSweden ashaywe nguLotta Schelin amabili, Nilla Fischer ukaputeni noLisa Dahlkvist kwathi eleBanyana lashaywa ngumakadebona, uPortia Modise ngesiwombe sesibili.

Yize iBanyana ishayiwe kodwa idlale ngokukhulu ukuzimisela ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.

Emdlalweni olandelayo iBanyana izobhekana neCanada ngoMgqibelo ntambama ngo-2.45, eCoventry, eWales nokuwumdlalo okufanele izame ukwenyusa kuwo amasokisi ukuqinisa amathemba okwedlulela kuma-quarter final. Angu-12 esewonke amaqembu ebhola abesifazane angenele ama-Olympics kanti mabili kuphela avela e-Afrika, okuyiCameroon neBanyana. Amaqembu ahlukaniswe amaqoqo amathathu anamaqembu amane lilinye.

Amabili ayoqeda ehlezi phezulu iqoqo ngalinye ayohlanganiswa namabili alale isithathu kangcono ukwenza ayisishiyagalo-mbili azodlulela phambili. IBanyana iyovala nompetha bomhlaba iJapan ngoLwesibili ngo-3.30 ntambama, eCardiff.

IJapan ingelinye lamaqembu ayizimfivilithi ukugoduka nendodo yegolide kule midlalo emuva kokudlisela ogageni amaqembu esatshwayo emhlabeni afana ne-United States evikela indebe yama-Olympics, Brazil neFrance kweyendebe yomhlaba nyakenye.

Imidlalo yama-Olympics izovulwa ngokusemthethwe-ni kusasa kodwa ngenxa yobuningi bamaqembu ebhola kuvunyelwene ngokuthi asheshe aqale imidlalo yayo.

Sishicilele ungakapheli umdlalo weColombia neKorea DPR.

Isiyonke miphumela yemidlalo imi kanje:

South Africa 1-4 Sweden; Japan 2-1 Canada; Brazil 5-0 Cameroon; United States 4-2 France; Great Britain 1-0 New Zealand.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.