CELANI SIKHAKHANE
BASHAQEKILE abalandeli bakaMnuz Senzo Mchunu bezwa izindaba zokusula kwakhe esikhundleni sokuba nguNdunankulu njengoba bebenethemba lokuthi uzohlala kuze kube yi-ANC emxoshayo.
Lokhu kugqame ngesikhathi Isolezwe likhuluma nabanye ababeseka uMchunu ngesikhathi kuyiwa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal, eyayingoNovemba nyakenye eMgungundlovu.
UMnuz Sthenjwa Nyawose, owayedume ngokuba umholi wamamashi amalungu kaKhongolose ayephikisana nokuqokwa kukaSihlalo omusha weqembu eKZN, uMnuz Sihle Zikalala, uvele wathi kuphela amazwi ngalezi zindaba.
“Hawu, usesulile? Iyangixaka-ke le nto ngoba besingakulindele, kodwa ngicela uthinte i-ANC ukuthi kube yiyo ephawulayo,” kusho uNyawose evala ucingo.
UNyawose wayehola ithimba elabhalela incwadi ubuholi bukazwelonke ekomkhulu le-ANC eLuthuli House eGoli, likhala ngokuthi kukhona okwakungahambanga kahle ngesikhathi sokhetho.
Ngesikhathi uNyawose ehola imashi yokugcina eyayibheke emahhovisi e-ANC esifundazweni eSeme House, eThekwini eyayichitha ubuholi bukaZikalala wayephethe uqwembe olubhalwe ukuthi “My Senzo is My James”.
UMchunu ukhishwa nje, kuvele kunovalo lokuthi abanye ababemeseka balengelwa yizembe njengoba iMeya yeTheku, uMnuz James Nxumalo efakwe kude ohlwini lokubuya njengekhansela nokunciphisa amathuba okuba yiMeya ngemuva kokhetho olungo-Agasti 3.
UNkk Nomagugu Luzulane, obeyiMeya kaMasipala Ingwe, naye uchithiwe esikhundleni kanti ungomunye owaphumela obala ngokweseka uMchunu.
UNkk Thembeka Mchunu, oyiMeya oThungulu nongunkosikazi kaMchunu, naye uyachithwa esikhundleni sobumeya njengoba ohlwini kufoloswa ngephini lakhe uNkk Nonhle Mkhulisi.
IMeya yaseMsunduzi, uMnuz Chris Ndlela naye uyakhishwa kanti kuthiwa “ushaywa” nge-ANCYL yasesifundeni iMoses Mabhida, okuyiyo engobhongoza ekutheni akahambe.
UNobhala we-SACP KwaZulu-Natal, uMnuz Themba Mthembu uthe akukho abangakusho bengamaKhomanisi kodwa baphelelwe amazwi.
“Sizolinda i-ANC kuzwelonke ukuba iphawule nanokuthi uMengameli wezwe yena uthini ngalolu daba ngaphambi kokuba siphawule,” kusho uMthembu.
Ekuqaleni kwalo nyaka abalandeli bakaMchunu bahlangana eBallito bezitshela ukuthi kuzomenyezelwa ukuthi uyakhishwa esikhundleni kodwa kwagcina kungenzekanga.
Kulowo mhlangano babecuphe ukuthi uma kuphuma isimemezelo bazomashela emahhovisi aseSeme House kodwa kulokhu baphelelwe amandla.
UMengameli Jacob Zuma izolo ucacisile ukuthi yena akahlangene nokuqokwa koNdunankulu kodwa lokho kwenziwa esiShayamathetho sezifundazwe.