IBhakabhaka lizogijima ngejezi elisha ngezothwasa

Comment on this story
no jezi SITHUNYELWE BAZODLALA ngala majezi ompetha be-Absa Premiership |i-Orlando Pirates, kulesizi ka-2012/2013 ezoqala maduze nje. IBucs izolikhangula ngoJulayi 28 ijezi layo elisha lapho izobhekana khona neKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup. Isithombe: SITHUNYELWE

INTATHELI YESOLEZWE

OMPETHA be-Absa Premiership i-Orlando Pirates bazohloba ngejezi elisha ngesizini entsha ka-2012/2013 elethulwe izolo.

Leli jezi lasekhaya nelasekuhambeni lenzelwe ukubungaza iqembu lePirates eliqophe umlando ebholeni lakuleli ngokuwola izindodo ezintathu amasizini elandelana.

AmaBhakabhaka anqobe isicoco seligi, iMTN 8 neNedbank Cup ngesizini ka-2010/2011. Ukuba ngompetha beligi kuwafake kuCaf Champions lapho efike akhishwa ekuseni okungehlanga kahle neze kuSihlalo weqembu u-Irvin Khoza.

Ukuvikela ngempumelelo isicoco se-Absa Premiership ngesizini edlule (neMTN 8 yanqoba neTelkom Knockout) kuzoyibuyisela emidlalweni yeCaf nalapho uKhoza nabadlali bakhe abenethemba elikhulu lokuthi bazokwenza okungcono kulokhu.

“Siyaziqhenya ngokusebenzisana neqembu eliphumelelayo njenge-Orlando Pirates, yingakho siqhamuke nomsiko ofanele ompetha,” kusho uZobuzwe Ngobese okhulumela i-Adidas okuyinkampani eyakhela labo mpetha izimpahla.

Kuzoba nejezi lasekhaya elinombala omhlophe nomnyama bese kuthi elasekuhambeni libe bomvu. Leli jezi lishaya ngemigqa ngaphambili.

Amajezi azoba mhlophe, izikhindi ezimnyama namasokisi amhlophe.

“Sibuyele emlandweni weqembu njengoba sisagubha iminyaka engu-75. Ijezi elimnyama nezikhindi ezimnyama sekuke kwasetshenziswa esikhathini esedlule ngeminyaka yo-1960 neqembu elawina i-Africa Champions Cup neSuper Cup ngo-1995 nango-1996 laligqoka leli jezi,” kuchaza uNgobese.

IPirates izoqala ukubonakala igqoke leli jezi ngoJulayi 28 kuCarling Black Label Cup kanti lizoqala ukutholakala ezitolo zakwa-Adidas kule mpelasonto.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.