Group
Sizwe Dhlomo
INTATHELI YESOLEZWE
ISISHOSHOVU se-African National Congress (ANC), uNkk Winnie Madikizela-Mandela uzobonakala ohlelweni lwaku-MTV Base lapho khona ephekwa ngemibuzo enzima yintsha yakulo lonke izwekazi lase-Afrika.
UNkk Madikizela-Mandela owake waba nguMengameli we-ANC Women’s League, uzobonakala kulolu hlelo olubizwa ngokuthi yiMTV Base Meets... with MTN kulesi siteshi esitholakala ku-channel 122, kwi-DStv, ngoSepthemba 5.
Kulolu hlelo kuba nengxoxo ekhethekile nemibuzo kubaholi nosaziwayo bemikhakha ehlukene bamazwe ehlukene base-Afrika.
Loluhlelo luzokhonjiswa emazweni angu-50 kuleli lizwekazi emazweni okubalwa kuwo iNigeria, Cameroon, Ghana, Rwanda, Zambia, Uganda, Swaziland namanye.
IMTV Base Meets Winnie Madikizela-Mandela with MTN iqoshwe emzini wakhe oseSoweto ngoJulayi 16 nomethuli wezinhlelo kulesi siteshi, uSizwe Dhlomo nethimba labantu abasha abaqhamuka emazweni ehlukene ase-Afrika.
UZOVELA ohlelweni olwethulwa nguSizwe Dhlomo (kwesokunxele) lwaku-MTV Base uNkk Winnie Madikizela-Mandela engxoxweni okuthiwa izoshiya abaningi bekhexile ngakusho ngeqembu lakhe i-ANC. Isithombe: DUMISANI SIBEKO
INLSA
Isikhulu esiphezulu saseViacom International Media Networks Africa, u-Alex Okosi, ekhuluma egameni lakwaMTV Base, uthe kubalulekile ukuhlinzeka intsha ngabantu engabukela kubo abangayisiza ukuthi ifeze amaphupho ayo.
“I-MTV Base Meets.with MTN ihlose ukugqugquzela intsha yase-Afrika ukuthi iqonde ukuthi iyibona abantu abangenza ikusasa eliqhakazile kuleli lizwekazi,” kusho u-Okosi.
Lolu hlelo olukwisizini yalo yesibili oluzoqala ngo-Agasti 1, phambilini lwake lwaveza abafana nomculi we-R&B, u-Akon, uzime waseSudan u-Alek Wek, owayenguMengameli waseNigeria u-Olusegun Obasanjo, umgadli weTottenham Hotspur u-Emmanuel Adebayor nabanye. Intsha yakuzo zonke izinkalo ipheka laba ngemibuzo eshubile ngezihloko okubalwa kuzo ipolitiki, ezamabhizinisi, ezemfundo, ubandlululo, nezinye eziningi.
AbakwaMTV Base nabakwaMTN banomncintiswano lapho khona abantu abasha abayisishiyagalombili bengazitholela khona ithuba lokuvela ohlelweni lokugcina nohambo olukhokhelwe lokuyobona u-Akon, eMelika, ngoSepthemba nonyaka.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services