BAWINILE NGCOBO
U BOSHELWE elinye icala ufakazi oqandula ikhanda woMbuso ecaleni lokubulawa kukathishanhloko waseNyonemhlophe High owayengusihlalo weSadtu eMbuso Shabalala Region nyakenye.
Lokhu kuvele izolo enkantolo yeMantshi eMlazi ngesikhathi kukhishwa ngebheyili abasolwa ngetulo lokusoconga uMnuz Nkosinathi Zondi owabulawa ngaphandle komuzi wakhe eMlazi nyakenye.
UMnuz Mfundi Sibiya onguMqondisi wezemfundo esifundeni uGu, Mnuz Lindani Mkhize onguthishanhloko waseGobhela Primary, Mnuz Mhlengi Luthuli onguthishanhloko waseBonguzwane High ophinde abe yikhansela noMnuz Xolani Myeza owayenguthishanhloko bakhishwe ngebheyili izolo.
USibiya ukhishwe ngebheyili ka-R5 000 kwathi laba abathathu bakhishwa ngeka-R3 000 umuntu ngamunye
Ngaphambi kokuthi iMantshi uMnuz Surej Harillal ikhiphe isinqumo uMshushisi, uNksz Yukhita Munsaur uveze ukuthi owayengumxhumanisi walaba basolwa nababili ababoshelwe ukubulala uZondi osephenduke ufakazi woMbuso ngaphansi kwesigaba 204, uMnuz Sandile Mzizi abakakwazi ukumfaka ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi ngoba uboshelwe icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Uthe uMzizi ungaphakathi kanti uzofaka isicelo sebheyili ngoMeyi 9, enkantolo yaseRamsgate.
UHarillal ethula isinqumo sakhe uthe uMbuso awunalo icala eliqinile ngoba uthembele kufakazi oyedwa.
Uthe ubufakazi balo fakazi buzothathwa ngokucophelela okukhulu.
Uthe uMbuso uhlulekile ukuveza izizathu ezinqala zokuthi kungani abasolwa kumele bangakhishwa ngebheyili ngoba yiwo obekufanele uveze lezi zizathu ngenxa yesigaba okungaphansi kwalo icala.
“UMbuso uthe wesabela ukuthi laba bazosabisa noma baphazamise uphenyo. Ufakazi woMbuso ubekade ezicanasela engakaboshwa kodwa akukaze sizwe mbiko ngokuthi uhlaselwe noma wesatshisiwe. Namanje ngoba kade engaphandle abasolwa beboshiwe akukho lutho,” kusho uHarillal.
Uthe laba basolwa bazinikela emaphoyiseni ngesikhathi becelwa ngumphenyi ukuthi bafike kuye.
“Laba ngabantu abadala abahlonishwayo futhi abanezikhundla ezihloniphekile emphakathini, abanezinto eziphathekayo abanazo,” kusho uHarillal.
Uthe umphenyi watshela inkantolo ukuthi unohlu lwamagama asayinwe ngamalungu eSadtu namalungu omphakathi obeluphikisa ibheyili yabasolwa lapho amalungu eSadtu athi azoteleka uma bekhishwa ngebheyili.
“Lapha asikhulumi ngabantu abangafundile abangondlavini, amalungu eSadtu ayazi ukuthi akuqulwa icala lapha kodwa bafaka isicelo sebheyili, akusho ukuthi sebetholwa bengenacala,” kusho uHarillal.
Uthe iSadtu kumele yazi kuthi inkantolo isebenza ngemithetho yayo, ngeke ize isithathe isinqumo esincike encwadini esayinwe ngabantu.
Uthe uSibiya, Mkhize noLuthuli sebethole izincwadi kubaqashi ngodaba lokumiswa.
Icala lihlehliselwe ikusasa.