Ibhungu lacekelwa phansi i-tara klamp

Comment on this story
no ukusokwa3 INLSA BASENGCUPHENI yokufelwa yimizwa yobudoda abasokwa nge-tara klamp, eMpembeni. Bangaphezulu kuka-10 abasahaqwe izinkinga ezithweni zabo zangasese emva kokusokwa ngale ndlela yize sekunezinyanga ezine basoka. Izithombe: NQOBILE MBONAMBI

NQOBIZIZWE ZWANE

ZISAQHUBEKE njalo izinkinga zethuluzi lokusoka i-tara klamp emva kokuphumela obala kowesilisa waseMpembeni, enyakatho neKwaZulu-Natal, okhala ngokuthi induku yakhe ayisaqini ngendlela emva kokusoka ngaleli thuluzi.

Lona wesilisa (27) uveza le nkinga nje, inhlangano elwela abantu abanenculazi i-Treatment Action Campaign (TAC) ibisilufake kuMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela lolu daba lokusetshenziswa kwaleli thuluzi ifuna uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe uvale ukusetshenziswa kwalo, ikhala ngobungozi balo.

Exoxa ngempilo yakhe lo wesilisa uthe uselilahlile ithemba ngempilo yakhe yezocansi emva kokuba esoke nge-tara klamp ekhala ngokuthi sekuphele izinyanga ezine induku yakhe ingaqini ngendlela.

“Ngesikhathi ngisoka ngathinteka imithambo emibili esithweni sangasese ngezwa ubuhlungu obukhulu kakhulu ngazitshela ukuthi kuyadlula kuyingxenye yokusoka nge-tara klamp. Ubuhlungu engibuzwile ngesikhathi sengibona ukuthi induku yami ayiqini ngendlela yokuthi ngingenza ocansi, kwaba buhlungu ngendlela engachazeki njengoba kwakuyinto yokugcina engangiyilindele,” kusho leli bhungu.

Eqhubeka uthe lokhu sekuphazamise ngisho ubudlelwano bakhe eveza ukuthi kunemibuzo yomuntu ahlekisana naye okuba nzima ukuyiphendula ngenxa yalesi simo athe akazi noma sizolunga yini.

no petrick mdletshe2 USIHLALO weTreatment Action Campaign (TAC), uMnuz Patrick Mdletshe osekhaleni emkha-nkasweni wokumiswa kokusoka ngethuluzi elaziwa nge-tara klamp. INLSA

“Ngelinye ilanga engivakashele wangibuza ukuthi sekwenzenjani ebona kungenzeki lutho ekamelweni, ngoba uyazi naye ukuthi bengizifikela. Ngamchazela ngenkinga waba esebuza ukuthi sasisokelani kwasekuqaleni okuyinto enzima ukuyiphendula ikakhulukazi njengoba sekunje,” kulandisa le nsizwa.

Leli bhungu liveze ukuthi lizithola kule nkinga nje lalingafuni ukusoka nge-tara klamp kodwa laphoqeleka emva kokuba sekuthiwe ugesi awukho.

“Ngangingayifuni i-tara klamp ngoba kwakunongabazane okukhulu ngayo futhi kubhalwa ngayo nasemaphepheni. Ngesikhathi sifika lapho satshelwa ukuthi ugesi awukho. Lokhu kwasiphoqa ukuthi sisoke nge-tara klamp ngaphandle kokuzikhethela,” usho kanje.

Kule ndawo kuvele ukuthi bangaphezulu kuka-10 abesilisa abanezinkinga ezithweni zabo zangasese emva kokusoka nge-tara klamp.

Iningi labo likhala ngezinhlungu ezingapheli nakuba sekuphele izinyanga ezine basoka, abanye bakhala ngamaqhuqhuva angaqondakali ezithweni zabo.

“Sibaningi esalimala ngenxa ye-tara klamp. Ukhona nonenkinga efana neyami kodwa bayasaba abanye ukuphumela obala.”

Laba besilisa abalimala basukela eminyakeni engu-10 kuyoshaya kwengaphansi kuka-27.

Usihlalo we-TAC uMnuz Patrick Mdletshe ngesikhathi ehambele leya ndawo uthe bafuna ungoti ozobheka ukuthi laba besilisa balimala kangakanani ngesikhathi besokwa nge-tara klamp.

“Sifuna udokotela ozohlolisisa ukuthi mungakanani umonakalo bese siqhubeka nokufaka icala ngoba sifuna ivalwe i-tara klamp engakashayi uJuni,” kusho uMdletshe.

Ngokwenza lokhu uthe abagxeki ukusoka kodwa bafuna kwenziwe ngendlela ephephile.

“Siyakugqugquzela ukusoka kodwa sikhala nge-tara klamp ngoba inobungozi,” kusho uMdletshe.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.