Iboshwe iyozikhulula indoda ‘yebhanoyi’

Comment on this story
NO MMAGIC2 Group U-Lt Colonel Zandile Sibeko noConstable Nomachuma Yengwa nendoda eboshelwe ukuthatha imali yabantu ithi izokhula bahole njalo ngesonto. Isithombe: BONGANI MBATHA

BAWINILE NGCOBO

IBOSHELWE endlini encane eWorkshop, eThekwini indoda ebinenkampani yokulondoloza imali ebithembisa abantu ukuthi bazohola njalo ngesonto uma befaka imali yabo.

Le ndoda (31) iboshwe emuva kokuthi omunye owayefake imali eyibone emgwaqweni eThekwini ngoMsombuluko wayilandela yaze yayongena endlini encane eWorkshop lapho ebize khona onogada bayishaqa yayiswa esiteshini samaphoyisa.

Omunye wabathathelwa imali yile ndoda ongathandanga ukudalulwa esabela ukuphepha kwakhe uthe ngo-Okthoba nyakenye bathola amaphepha ayethi kunenkampani iMoment of Magic obekufakwa kuyo u- R1 200 bese uhola u-R330 njalo ngesonto.

“Saya kuleli kheli elalibhaliwe safica abasebenzi kukhona owesifazane owasichazela. Sahamba saya kofaka imali ebhange sabuyisa irisidi kwagcwaliswa ifomu sashiya khona,” kuchaza lo wesifazane.

Uthe wahola kanye, omunye ayehamba naye wahola kabili.

“Emuva kwalokho asibange sisayithola imali. Safika ngelinye ilanga sambondelana ehhovisi sibaningi, wafika u... (emgagula ngegama) wasitshela ukuthi sekunezinhlobo zokulondoloza imali. Umuntu usengafaka imali ngezigaba zakhona, kwaba wukugcina kwethu ukumbona,” kuchaza lo wesifazane.

Uthe ekuqaleni kukaDisemba bathi bayaya kuleli hhovisi bafika sekukhala ingidi kungasekho muntu.

“Sithi siyafona wathi useGoli lapho eyovula khona amanye amahhovisi,” kusho lo wesifazane.

Uthe sonke lesi sikhathi le ndoda ibifunwa njengoba eze ehlangana nayo eThekwini ezihambela.

Okhulumela amaphoyisa eThekwini, uCaptain Khephu Ndlovu, uthe lo msolwa ubekwe icala lokweba esebenzisa amanga.

Uzovela enkantolo yeMantshi eThekwini namuhla.

UNdlovu uthe bacela abanye abantu abathathelwa imali yilo msolwa ukuthi bathinte amaphoyisa aseDurban Central ku-031 325 5310 bacele uMajor J S Govender.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.