MTHOKOZISI MNCUSENI
Kaizer Chiefs (1) 1 Platinum Stars (0) 2
I KAIZER Chiefs igange ngenqwaba yamathuba kwagcina ngokuthi ilahlekelwe ngamaphuzu amqoka abezoyisondeza esicongweni ngesikhathi ishaywa ekugcineni yiPlatinum Stars emdlalweni we-Absa Premiership obushube ngendlela emangalisayo eCape Town Stadium izolo.
Umdlalo obekubhekene kuwo amaqembu anezinkinga ezehlukene, uqale ngesikhulu isivinini kodwa kucaca ukuthi iPlatinum iyona ebibonana kangcono. IChiefs ize kuwona ingayazi induku emidlalweni emihlanu kanti iPlatinum ibuya endukwini ka 2-1 ivela kuFree State Stars.
Ngaphambi kokuthi kuphele imizuzu yokuqala ewu-10 iPlatinum ibisifike kabili kwavalwa amehlo kuReyaad Pieterse. Kuqale kwaba yibhola ebeliyikhona lashaya epalini emile unozinti weChiefs kwaphinde kwabuya uNdumiso Mabena ngenguzunga yeshodi nokho yadlula kancane eceleni kwepali.
Okuqapheleke uqala umdlalo wukuthi uWillard Katsande (onamakhadi amathathu aphuzi) ubengadlali ngoba ubongelwa umdlalo womkhaya abazowudlala ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo e-FNB Stadium. UKatsande othatha amaphenathi eChiefs ubesezihlweleni no-Itumeleng Khune, Bernard Parker, George Lebese no-Edward Manqele.
Ukuhlasela ngamandla kwePlatinum bekungasho ukuthi iChiefs iyabukela kepha ibizama nayo kugqame ukaputeni uSiphiwe Tshabalala (obebuye angafuni ukuphasa ngesikhathi) noWilliam Twala obebonakala okokuqala eqala umdlalo selokhu afika esuka kuChippa United. Omunye umdlali obekhombisa izimpawu zokuvuthwa nguReneilwe “Yeye” Letsholonyane.
Ngemuva kokuqala ngesivinini kuthe ukuthula nhlangothi zombili kwaze kwaba wumzuzu wokugcina esiwombeni sokuqala lapho elishaye khona phakathi uCamaldine Abraw kade kuyi-freekick kaTshabalala. Kubukeke sengathi ubengenza kangcono uMbongeni Mzimela obesezintini zePlatinum.
Zibuya ngakho kodwa ekhefini, uMzimela ugeze uGeorge Maluleka (kabili) kwadlula umzuzu owodwa uTintswalo Tshabalala wayeka elinye ithuba elilula. Bese zibulalana esiwombeni sesibili njengoba noBongi Ntuli eshaye ingcwenga yento yashaya ipali. Uphinde walishaya futhi ipali uNtuli ngomzuzu ka-53.
Nakuba bezisaqhubeka nokubulalana esiwombeni sesibili kodwa ayikho iminyakazo ebithusa njengeyangesokuqala kwaze kwaba wumzuzu ka-86 lapho u-Eleazor Rodgers elibeke enethini ngekhanda kade egotshelwe uMabena. Ngemuva kwegoli iChiefs ibisiphungwa ngezithebe kodwa uMzimela elokhu enqabe njalo. Umdlalo ususedosheni likanondweba uRodgers ushayele isipikili sokugcina, kwaphela kanjalo ngaMakhosi.
Kuchaza ukuthi iChiefs nePirates bazoya kowomkhaya bezikhotha amanxeba ngoba neBucs ishaywe yiJomo Cosmos ngempelasonto.
Imiphumela ye-Absa Premiership:
Kaizer Chiefs 1 -2 Platinum Stars; University of Pretoria 1-0 Black Aces; Mamelodi Sundowns 2 -0 SuperSport United; Jomo Cosmos 1 -0 Orlando Pirates; Free State Stars 1-0 Bloem Celtic; Bidvest Wits 5 -0 Polokwane City; Chippa United 3-1 Ajax Cape Town