Advertisement
X

IChiefs izosayinisa uKingston Nkhatha

MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

IZOSAYINISA isibabuli somgadli weBlack Leopards, uKingston Nkhatha, iKaizer Chiefs ethenga abadlali abasha ubuphathuphathu.

iChiefs, ehlanganiswa nabadlali abaningi, ihlabene ngoNkhatha waseZimbabwe oqede isizini ngegiya eliphezulu eshayela iLidoda Duvha amagoli ayisindise ezembeni. Kuthiwa usezibophezele iminyaka emithathu naMakhosi.

“UNkhatha uzosayina inkontileka yamasizini amathathu neKaizer Chiefs kusasa (namuhla). ILeopards neChiefs sebevumelene ngayo yonke into. Umdlali ugculisekile ngokubekwa etafuleni futhi ubengeke aliyeke ithuba lokuyodlalela iqembu elikhulu futhi elinomlando,” kusho lo mthombo ocele ukuthi ungadalulwa igama.

Kuvela ukuthi sezivuthiwe izingxoxo phakathi kwaMakhosi neBloemfontein Celtic mayelana nokudayiselana u-Eric Mathoho osedidwe umqondo yiMamelodi Sundowns esimthembise izulu nomhlaba.

UTim Sukazi weQuality Talent Sport, inkampani ephethe laba badlali, uthe: “IChiefs neLeopards sebevumelene. Osekusele wukuthi umdlali avumelane ngemali neChiefs. UMathoho sekusele kancane ukuthi abe ngoweChiefs nokungamenza umdlali wokuqala omncane obiza kunabo bonke lapha eNingizimu Afrika.”

SHOW ALL
Advertisement