Gallo Images
USiphiwe Tshabalala. Isithombe: Gallo Images
INTATHELI YESOLEZWE
USIPHIWE ‘Shabba’ Tshabalala akazisoli ngokusayina inkontileka entsha neKaizer Chiefs ayithatha njengekhaya lakhe lesibili.
Lo mdlali, ovuselele inkontileka ngeminye iminyaka emithathu ngoLwesibili, ukusho lokhu ku-website yeqembu echaza ngezizathu ezimenze wanquma ukuhlala kuChiefs yize bekubhekwe ukuthi athole amadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi ngizoqhubeka ngihlale. Iqembu lingiphathe kahle kusukela ngafika kulo. IChiefs ifana nekhaya lesibili kimina ngiyajubula ngokuthi ngiyahlala,” kusho uTshabalala.
Ubonge usihlalo weChiefs, uKaizer Motaung, ngokumnika isikhathi sokuthi acabangisise ngekusasa lakhe futhi wakugcizelela ukuthi akaphoqwanga ukuba asayine kabusha neqembu.
UTshabalala uze wasayina ngoLwesibili obekuwusuku lomnqamulajuqu lokusayina ngemuva kokudonsa cishe amasonto amabili engacacisi ukuthi uzohlala eMakhosini noma uzolinda ukuphela kwenkontileka abenayo ngoJuni bese ezama iqembu elisha.
Imibiko ibithi iCrystal Palace, edlala ku-English Championship obekuthiwa ichazekile ngaye emva kokumhlola izinsuku eziyishumi, ingase imusayinise ekupheleni kwesizini.
“Ngacela ukuhlangana nosihlalo ngamcela ukuthi anginike isikhathi sokucabanga ngekusasa. Ngiyabonga ngokuthi wakwenza lokho. Ngimthembisile ukuthi uma ngishiya kuChiefs ngiyobe ngiya eqenjini lase-Europe futhi ngezibusiso zabo. Ungitshele ukuthi uma kukhona okuqhamukayo ngeke bangivimbe,” kulandisa uShabba.
Uthe sekusele ukuthi akhokhe ukuthembeka okukhonjiswe yiqembu kuyena ngokwenza kahle enkundleni. Ukholwa wukuthi basenalo ithuba lokuba ngompetha be-Absa Premiership okuyikhona okubhekwe kakhulu nguMotaung kule sizini.
“Ngisafisa ukuwina isicoco seligi naleli qembu. Sengiziwinile ezinye kusukela ngifike ngo-2006. Sengifuna eseligi manje. Sisele ngamaphuzu amathathu kuphela kuMamelodi Sundowns. Sisengayinqoba iligi,” kusho yena.
Uma iChiefs, engasayinisanga mdlali onamava ngesikhathi kuvulwe iwindi, izimisele ngombango weligi kuzofanele iqinisekise ukuthatha amaphuzu agcwele kuJomo Cosmos nakuMoroka Swallows abazobuya ngabo uma sekuqala umzuiswano wesibili weligi ngoFebhuwari 15.
|
|
Services