MHLENGI SHANGASE
NJENGOBA inhlangano yabafundi iCosas igubha iminyaka engu-37 yaba khona kule nyanga isiqhamuke nomkhankaso wokufundisa abafundi abenza umatric noGrade 11 ngokubaluleka kokufaka izicelo zokufunda emanyuvesi kuseyimanje.
UNobhala weCosas KwaZulu-Natal, uNksz Mandisa Dlamini, uthe banomkhankaso obizwa ngeBhalisani Bafundi lapho befundisa abafundi ngokufaka izicelo zokuyofunda emanyuvesi ehhovisi iCentral Applications Office.
UNksz Dlamini uthe bahambela izikole ezahlukene njalo ngoLwesihlanu ukuze bafundise laba bafundi ngokubaluleka kokubhalisa kuseva.
“Sinika amafomu akwa-CAO kubafundi abenza u-matric ngoba iningi labo lisuke lingazi ukuthi lizokwenzani ngonyaka ozayo. Abanye basuke bengazi nokuthi kudingeka babhalise ukuze bafunde emanyuvesi,” usho kanje.
Uthe kulo mkhankaso basuke behambisana nalabo abazoluleka abafundi ngezifundo abangazenza emanyuvesi.
“Bayachazelwa ngemikhakha abangayenza emanyuvesi, abanye bayazibona imikhakha abamandla kuyo bese bekhetha yona. Sifika nakwaGrade 11 ngoba asifuni baze bezwe ngoCAO ngoba sebeku-matric.”
Uthe sebeyile ezikoleni ezisePinetown okubalwa Isizinda Secondary KwaSanti okuyisikole esike saba nezinkinga.
Uthe bahlanganisa uhlu lwabafundi abaswele bese beya emnyangweni nasezinkampanini ukuze bahlwaye uxhaso.
“Abanye abafundi abakwazi ukuya emanyuvesi ngoba bengenayo imali yokufunda. Ingakho siya emnyangweni nasezinkampanini ukuze basize ikakhulu kulabo abasuke beswele imali. Akumele kube nomfundi ongafundi ngoba engenayo imali. Sibachazela nangokuthi kunesikhwama iNational Students’ Financial Aid Scheme exhasa abafundi ngezimali emanyuvesi,” usho kanje.
Umgubho kazwelonke weCosas izolo ubuseNorth West kanti iPhini likaNobhala we-ANC uNksz Jessie Duarte lithule inkulumo kulo mgubho weminyaka engu-37.