MHLENGI SHANGASE
UMONAKALO odalwe yimibhikisho yabafundi emanyuvesi ngonyaka odlule, wokufuna kunganyuswa imali yokufunda, ubalelwa ku-R150 million.
Lokhu kushiwo uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande izolo ngemuva komhlangano nabaphathi bamanyuvesi akuleli eGoli.
UNzimande uthe uphenyo lwesikhashana abalwenzile luveza ukuthi lo monakalo ubalelwa ku-R150 million.
“Impahla yalimala ngenxa yale mibhikisho kanti kwezinye izikhungo kwadingeka kuqiniswe ezokuphepha ukuze kuvike izehlakalo ezifuze ezangonyaka odlule. Kunyuse izindleko ukuqinisa ezokuphepha kwengezwa abanye onogada abazimele.”
Enyuvesi yaseGoli kuvele ukuthi ukuqiniswa kwezokuphepha kudla u-R2 million ngenyanga.
UNzimande unxuse abafundi abafuna ukuqhubeka nemibhikisho ukuba lokho bakwenze ngokuthula.
“Udlame aluvumelekile. Uma siteleka ngokuthula ngeke sibe khona isidingo sokuba kwengezwe onogada. Asingacekeli phansi impahla yenyuvesi ngoba lokho akuvumelekile. Akungaphazanyiswa ukufunda nokufundisa,” kuqhuba uNzimande.
Kulo mhlangano, wabaphathi bamanyuvesi angu-26, bekukhona nabesikhwama esixhasa abafundi ngezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme.
UNzimande kulo mhlangano uphinde wahlaba ikhwelo lokuthi labo bafundi abazoxhaswa yilesi sikhwama akumele bakhokhe imali yokubhalisa.
“Labo bafundi asebethathiwe enyuvesi abazoxhaswa akumele bakhokhe imali yokufunda. Isikhungo nesikhungo sinohlelo olubhekele laba bafundi. Sivumelene ngokuthi kusetshenziswane endabeni yabafundi abakweletayo njengoba bezobhaliswa,” kuqhuba uNzimande.
Unxuse abafundi ukuthi baqhubeke nokubhalisa ukuze kuqale ukufunda nokufundisa ngokushesha.
Ubalule nokuthi labo bafundi abazalwa ngabasebenzi abathathwa njengabahola kakhulu abangaxhaswa yilesi sikhwama bazobhekelwa njengoba kuhlolwa uhlelo lokubaxhasa.
Lolu hlelo kulindeleke ukuthi luvivinywe ngonyaka ozayo ukuze luqale ukusebenza ngo-2018.
Lolu hlelo, oluholwa nguSihlalo walesi sikhwama uMnuz Sizwe Nxasana, lufaka izingxoxo ezikhona namabhange.
Umphathi weWits, uSolwazi Adam Habib, uthe bazoqhubeka babe khona onogada kuze kudambe isimo njengoba le nyuvesi ike yamisa nokubhalisa ngenxa yombhikisho wabafundi abafuna imfundo yamahhala.
UHabib uthe isizathu sokuthi kubizwe onogada yingoba kukhona abebevinjwa ukuthi babhalise.
Izikhungo ezibhekene nemibhikisho eziseGoli kubalwa yona iWits, UJ, Unisa neNyuvesi yasePitoli.
Kwenzeka lokhu nje ikhomishini eqokwe nguMengameli Jacob Zuma ukubheka eyemfundo yamahhala kulindeleke ukuthi iphothule umsebenzi wayo ezinyangeni eziyisishiyagalombili.