NQOBIZIZWE ZWANE

KUQUBUKE indida ngokubulawa kwebhungu laseNseleni, eBhejane lisendaweni yokucima ukoma esigodini saseZikhaleni.

Lokhu kudideka kudalwa wukuthi lezi zigodi zinemingcele ebekiwe njengoba le ndawo ike yakhungathwa yimpi yokugawulana ngocelemba edlule nemiphefumulo yabafundi abangaphezu kwabathathu bezikole ezahlukahlukene.

Unina kaMnuz Sipho Mathenjwa (28) owagwazwa amanxeba amathathu endaweni yokucima ukoma iSakhile Tavern emini ngeledlule, uNkk Thandekile Mathenjwa, uthe abaqondi ukuthi ngabe ukubulawa kukaSipho kuhlangene yini nempi yokujuqana ngocelemba egubuzele le ndawo.

“Asazi ukuthi ukubulawa kukaSipho kuhlobene yini nempi yezigodi eliwa ngocelemba. Sathola ucingo seluthi asize sizobona uSipho esegwaziwe. Ngeke ngisho ukuthi akuhlangene nakho futhi ngeke ngisho ukuthi kuhlangene. Uma uzwa ukuthi yini eyabangwayo kule ndawo yokuphuza ungamangala,” kusho uNkk Mathenjwa.

Elandisa ngesizathu sokubulawa kukaSipho, uNkk Mathenjwa uthe ingane yakhe yabulawela ukuthi ngesikhathi ihlehla kwagxobeka uphaqa wowesifazane okuthiwa wagwaza umufi kathathu ngaphambi kokukhala emuke.

“USipho kuthiwa wayehlehla enganakile, ngebhadi wagxoba le ntombazane onyaweni. Kuthiwa yambuza ukuthi uyazi ukuthi ingamgwaza yona kungabi ndaba zalutho. USipho kuthiwa waphika wathi ngeke iyenze leyo nto. Ngesikhathi eseyochama kuthiwa yamlandela kunganake muntu yamgwaza kwabonakala ngegazi phansi,” kusho uNkk Mathenjwa echiphiza izinyembezi.

Eqhubeka uNkk Mathenjwa uthe: “Amaphoyisa asitshela ukuthi yiwona azonquma ukuthi azokwenza njani ngecala. Sisalinde ukuzwa ukuthi likhona yini noma alikho ngoba vele umonakalo sewenzekile uSipho akasekho.”

Imizamo yeSolezwe yokuxoxa nomnikazi wale ndawo yokucima ukoma okuvela ukuthi sekungokwesibili kushona umuntu kuyona ngale ndlela ibhuntshile njengoba kubikwe ukuthi umnikazi wayo owaziwa ngoMnuz Ndlovu uyagula ulele phansi.