.
U-CONSTABLE Bongiwe Precious Zuma osekuyophela isonto edukile, amaphoyisa aseMgungundlovu athungatha umkhondo wakhe
MLUNGISI GUMEDE
SEKUQUBUKE indida ngokunyamalala kwephoyisa lesifazane laseWoodlands, eMgungundlovu elisebenza ophikweni lwamaphoyisa adume ngokungananazi ukuthela othulini izigebengu i-Tactical Response Team (TRT).
U-Constable Bongiwe Precious Zuma (29) osebenza esiteshini samaphoyisa enkabeni yedolobha eMgungundlovu wagcina ukubonakala ngoLwesibili olwedlule (Meyi 22) ngesikhathi evakashela abangane bakhe elokishini elikhona eMgungundlovu, eMbali.
Osekuqubule indida ngukuthi imoto yaleli phoyisa i-VW Polo ebomvu ebelihamba ngayo itholakale eMason’s Mill ngaseMbali eyaziwa kakhulu ngokuba nezigebengu ezibamba inkunzi, ukuduna izimoto noshayasibhamu.
Kuthiwa imoto itholakale ingakhiyiwe kanti ukhiye wayo utholwe ulenga endaweni kakhiye ebhuthini.
Ezinye izimpahla zikaBongiwe obesehlala nesoka lakhe eSweetwaters, okubalwa nesikhwama kutholakele emotweni, kungatshengisi ukuthi kukhona okuthathiwe kuso.
Unina kaBongiwe, uNkk Lynette Zuma uthe namanje basakhungathekile ngokunyamalala kwendodakazi yakhe eqale ukusebenza emaphoyiseni ngo-2005.
UNkk Zuma uthe sebehlalele emthandazweni wokuthi mhlawumbe indodakazi izotholakala.
“Sihamba sibheka nasezibhedlela kodwa lutho ukumthola,” kubalisa uNkk Zuma.
Uthe okwamanje angeke akwazi ukuqagula ukuthi ngabe kwenzekeni ngendodakazi yakhe ngoba akukho okusolisayo okwenzekile ngaphambi kokuthi inyamalale.
Isoka lakhe uMnuz Nduduzo Mabaso, uthe kusaduma ikhanda nakuyena ngokunyamalala kwesithandwa sakhe.
“Ithemba lami ngilibeke emaphoyiseni okuyiwona anginikeza ithemba njengoba sixhumana nawo njalo mayelana nophenyo lwawo,” usho kanje.
UMabaso uthe okwamanje awukho umkhondo asebewuzwile, wathi akathandi ukuqagula ngoba lolu daba lubucayi.
Okhulumela amaphoyisa aseMgungundlovu uLieutenant Joey Jeevan uthe namanje basaphenya awukho umkhondo abawulandelayo.
UJeevan unxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngoBongiwe ukuba athinte uLieutanant-Colonel Mweli Ngubane kule nombolo-082552214 noma u-Warant Officer Swami Pillay ku-0825561380 naku-08600 10111.
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services