Advertisement

IDiploma kuChomee ezifundweni zeMedia

UMCULI wakuleli odume ngokugqoka izigqebhe esiteji nodansa ngendlela eshukumisa igazi kwabesilisa, uChomee, uthweswe iDiploma ye-Media Studies, e-University of Johannesburg.

UThulisile “Chomee” Madihlaba (25) uthole lezi ziqu ngoMsombuluko emcimbini wokuthweswa kweziqu kwabafundi bakule nyuvesi.

Ubethweswa iziqu ngoMsombuluko umculi wodumo uChomee emva kokuphothula iDiploma ye-media Studies e-University of Johannesburg. Credit: SIYABULELA_DUDA

Umphathi we-999 Music, isitebela aqopha kuso umculi wodumo lwengoma ethi Jiva Sexy, u-Arthur Mafokate, ubongele uChomee ngokuphumelela kwakhe.

“Kuyajabulisa ukubona abantu abasha bephumelela, kungaba sebhizinisini, ezifundweni zabo, emisebenzini nanoma yini abayenzayo,” kusho u-Arthur.

Kuyaziwa ukuthi u-Arthur usikhonzile isikole njengoba kwake kwabikwa ukuthi indodana yakhe, u-Arthur Jnr odume ngo-DJ AJ, ngaphambi kokuthi angene emculweni wathi akaphothule u-matric. Kuthiwa u-AJ waziphasa ngamalengiso izifundo zakhe kanti kumanje une-albhamu ye-house asanda kuyikhipha.

U-Arthur uthe ngeke abagxeke abaculi abangafundile ngoba lokho kungukuthanda kwabo.

“Ngeke ngisho ukuthi bayabheda abangayi esikoleni ngoba mhlawumbe basetshenzelwa yithalente labo futhi bayakwazi ukuphila,” kusho yena.

Eminye imibiko ithe uChomee uzoqhuba izifundo zakhe enze i-Honours.

UChomee akusiye yedwa umculi osanda kuphumelela kwezemfundo njengoba nomculi waseThekwini, uZakhele “Zakes Bantwini” Madide, muva nje eveze enkundleni yezokuxhumana nge-internet, iTwitter, ukuthi uphumelele izifundo zakhe kwezoMculo azothweswa iziqu zazo ngonyaka ozayo.

Nenkakha uSipho “Hot Stix” Mabuse usanda kuphumelela uMatric wathi usezokwenza izifundo ze-Anthropology.

SHOW ALL
Advertisement