.
UZAMANDOSI Cele weDurban Ladies (kwesokunxele) usebheke ukuba iqembu lakhe lidle umhlanganiso koweSasol League National Championship. Isithombe: ANESH DEBIKY
NONTUTHUKO NGUBANE
ISETHUBENI elihle lokukhala yemuke nesicoco seSasol League National Championship iDurban Ladies ezibekisele indawo kweyandulela amanqamu kulo mqhudelwane.
Leli qembu elimele iKwaZulu-Natal alikaze lishaywe selokhu iqalile le midlalo eKing Zwelithini Stadium eMlazi.
Leli qembu livutha lingabaselwe kulo mqhudelwano njengalokhu selihlohle amagoli lu kwangu-20.
Indlela yeDurban Ladies ebheke kuma-semi finals icace izolo ishaya iRC Mills ngo 8-0 neMasiphunya Ladies ngo 2-1.
Kowandulela owamanqamu iDurban Ladies izobhekana neCape Town Ladies nayo eshisayo kulo mqhudelwane namuhla ngo 1 ntambama. Komunye owandulela owamanqamu kuzodlala iBloemfontein Celtic nePalace Super Falons.
UZamandosi Cele oqokelwe ukuba amele iBanyana Banyana kuma-Olympics nguyena ongumgogodla weDurban Ladies.
Amava alo mdlali wasemuva avele obala kwelesizwe kodwa kwi-Durban Ladies ungumgadli oshaya amagoli amahle ngekhanda nangonyawo.
“Sesifuna ukuwina owamanqamu manje. Angiboni ukuthi singahlulwa yini ngoba sidlala kahle. Asifuni ukuphoxa abalandeli bethu sidlala ekhaya. Kumele nakanjani siwunqobe lo mqhudelwano,” kusho uZamandosi.
Umqeqeshi waleli qembu, uSipho Khathi, uveze ukuthi ujabule ngoba kufezekile lokhu abebekuhlosile bedlulela kuleli banga bengakaze behlulwe.
“Manje kumele siqikelele yonke imdlalo yethu ezolandela. Sizobona ukuthi ihamba kanjani. Ngeke ngikhulume kakhulu ngeminye imidlalo esingakayidlali,” kusho uKhathi.
IDurban Ladies ihlezi ihlanganyela kule midlalo selokhu lesi sigaba saqala ukwesekwa yiSasol kodwa iyehluleka ukudla umhlanganiso.
UCele uthe manje yisikhathi sabo sokukhombisa abalandeli ukuthi bangawudla umhlanganiso.
“Kungisiza kakhulu ukuba yingxenye yale midlalo. Kuyakhula ukuzethemba futhi ngifunda nesitayela esihambisana nomjiko,” kusho yena.
Imphumela yayizolo:
Msiphuya Ladies 7 – 1 Als Puk Tawana
Cape Town Ladies 3 – 1 City Lads
Kanatla Ladies 2 – 2 Palace Super Falcon
Als Puk Tawana 1 – 7 Bloemfontein Celtic
Msiphuya Ladies 0 – 2 Durban Ladies
) and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.
Services