Igatsha elisha leNFP livulwe bumi

Comment on this story
no kennedy NFP5 INLSA KUYE kwaphoqeleka ukuthi aqashwe ngamaphoyisa amalungu e-NFP abezovula igatsha elisha emijondolo yaku-Kennedy Road. Lama lungu ahlangane nezimbila zithutha ngesikhathi evinjwa ngawe-ANC ukuba asebenzise ihholo lomphakathi. Isithombe: NQOBILE MBONAMBI

BONISWA MOHALE noNONHLANHLA MKHABELA

KUPHOQELEK E ukuba ubuholi be-National Freedom Party (NFP) buvule igatsha elisha limi ngezinyawo emgwaqweni ngemuva kokuvinjwa ngamalungu e-ANC abala ukhasha nehholo lomphakathi.

Izolo bekuzovulwa ngokusemthethweni igatsha elisha le-NFP emijondolo yakuKennedy Road.

Kuze kwaphoqeleka ukuthi kubizwe amaphoyisa negatsha lavulelwa emgwaqweni ngoba amalungu e-ANC evale ihholo aphinde axosha abe-NFP.

Izolo isimo besishubile abantu bemi izixongololo beswebeza emakhoneni kungamalungu e-NFP kuphela abhiyozayo ecula amaculo athi: “Vele sesamvotela uNjinji”, amanye abenamagama ayiziswana abebhekiswe kuMengameli Jacob Zuma.

UMnuz Nhlanhla Khawula, oyilungu le-National Working Committee kwiNFP, uthe kabaqondi ukuthi amalungu e-ANC ebavimbelelani ukuthi bavule igatsha ngoba ihholo akade bezolisebenzisa ngelomphakathi.

Uthe bayicelile imvume kuMasipala weTheku ngisho nekhansela lendawo belingenankinga nokuthi basebenzise ihholo kodwa-ke bavinjwa ngamalungu ekomidi le-ANC kuleya ndawo.

“Silandele yonke imigomo yokuqasha ihholo, kasazi ukuthi yimiphi le amalungu ekomidi athi asiyilandelile. Batshele amalungu ethu ukuthi izinkunzi ezimbili azihlali esibayeni esisodwa. Asazi-ke noma kulesi sikhathi kusekhona abantu abangabekezelelani,” kusho uKhawula.

Uveze nokuthi ikhansela liye lacela ukuba banikezwe indawo evulekile ukuba bagcobe khona igatsha labo kodwa nalapho amalungu e-ANC abanqabela esho nokuthi mabahlehlise lo mcimbi.

Babe sebekhetha ukusebenzela emgwaqweni beqashwe ngamaphoyisa abehamba ngezimoto ezingamatekisi naleyo ebizwa uma kunodlame i-hippo.

UMnuz Vukile Qobozane, uSihlalo wegatsha le-NFP kuKennedy Road, uthe baphatheke kabi yilesi senzo samalungu e-ANC wathi kodwa noma bangasatshiswa ngeke basabe.

Uye wanxusa ukuthi ngokuzayo amalungu e-ANC ahloniphe ezinye izinhlangano.

UMnuz Sihle Zikalala we-ANC unxuse amalungu e-NFP ahlukumezekile ukuba axoxe lolu daba nezinhlaka ezifanelekile eqenjini lawo ukuze lona likhulumisane nelakhe.

“Besingakezwa ukuthi kukhona amalungu ethu anqabele ukuvulela abantu ihholo. Sicela labo bakhulume namaphoyisa noma bathinte izinhlaka ezifanelekile eqenjini ukuze sisebenzisane siluxazulule lolu daba,” kusho uZikalala.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.