MHLENGI SHANGASE
I GCINE igobe uphondo iSadtu KwaZulu-Natal, yabuyela ezikoleni ezifundeni ezimbili, iLembe noGu obesekuphele amasonto amabili kungafundwa ngoba inyunyana ifuna kuhambe abaqondisi bazo.
Inyunyana ithe lokhu ikwenze ngoba ihlonipha umthetho wezwe njengoba uMnyango wezeMfundo uthole incwadi evimbela inyunyana nabaholi bayo ukuthi baphazamise ukusebenza kwalezi zifunda.
UNobhala weSadtu esifundazweni, uNksz Nomarashiya Caluza, usole umnyango ngokusheshe ugxumele ezinkantolo ekubeni zingakacangcathwa ngendlela zonke izikhalo zabo.
Uthe akukaze kube ngesinye sezinqumo zabo ukuphazamisa ukufunda nokufundisa kodwa lokho bakwenza ngoba sebekhathele ukukhuluma into eyodwa.
“Ezinye izikhalo ngalezi zifunda ezimbili, zisuka ku-2011 lapho sakhala ngezinto ezithile emnyangweni, ezingakalungiswa namanje. Besimasha, sihambisa izikhalo emnyangweni kungenzeki lutho ngakho asimananga nje savuka sase siphazamisa ukufunda. Siqale salandela imigudu efanele ngaphambi kokuba senze esikwenzile,” usho kanje.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangamini nabezindaba eThekwini.
Uthe kuqaliwe ukufunda izolo kulezi zifunda, wathi babe nomhlangano noNgqongqoshe wezeMfundo, uNkk Peggy Nkonyeni, lapho bebesabhunga ngezinye izinto ezithinta lezi zifunda.
“Sibe nomhlangano ngoMsombuluko nanamhlanje (izolo) sizoqhubeka sibe nomunye umhlangano noNgqongqoshe ukuze kulungiswe zonke izinkinga. Amalungu ethu abuyelile, kuyafundwa nje kulezi zifunda,” usho kanje.
UNobhala weCosas esifundazweni, uMhlengi Mabuya, uthe kuqaliwe ukufunda kulezi zifunda wathi basezingxoxweni neSadtu ukuthi kube nohlelo lokusiza abafundi abasalile ezifundweni.
“U-matric uzobhala izivivinyo zawo zamaphakathi nonyaka kanti siyaxoxa neSadtu ukuthi isisize yakhe uhlelo lokubuyisa isikhathi esilahlekile. Silahlekelwe amasonto amabili wonke kungafundwa, ngakho siyaludinga lolu sizo,” usho kanje.
UNksz Caluza uphawule nangendaba esematheni yokudayiswa kwezikhala emnyangweni, wathi basamile kwababekushilo ukuthi iSadtu ayidayisi zikhala ngoba ayibona abaqashi.
Uthe abanolwazi nganoma ngubani owenza lokhu, abaye kombika kwikhomishini eyajutshwa nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga.
“Uma bekhona abadayisa lezo zikhala bazenzela bona abakwenzi ngegama lethu noma abathunyiwe ithina. Asikho nesisodwa isinqumo esake sathathwa iSadtu sokuthi kudayiswe izikhala zomsebenzi. Ikhomishini ephenya lokhu ayikaze isibize singabaholi beSadtu ukuzochaza, kodwa uma ikwenza lokhu siyoya ngoba siyayihlonipha futhi siyayeseka,” usho kanje.
Uphawule nangendaba yokuphazamiseka kwengqungquthela yale nyunyana esifundeni iDurban South, wathi abaphazamisa ukusebenza kwale nyunyana bayobhekana nabo besebenzisa imithetho yenyunyana.
ISadtu yamisa ukufunda nokufundisa oGwini ikhala ngokubuyiswa kukaMnuz Mfundi Sibiya ekubeni esabhekene necala lokubulala. KwiLembe ifuna kuxoshwe uNksz Thembi Vilakazi ngoba engazilungisi izikhalo zayo. Phakathi kwalezi zikhalo kukhona indaba yomhlomulo wokusebenza emakhaya, uhlelo lokudla, ukuthuthwa kwabafundi nezinye.
UNksz Mbali Ntuli, okhulumela iDA kwezemfundo, uthe ukuvalwa kwezikole ezibalelwa ku-900 kulezi zifunda kutshengisa ngokusobala ukuthi umnyango uyahluleka ukukhalima iSadtu.
Uthe le nyunyana iyathinteka ekudayiseni izikhala ngocansi nokuziqokela abazongena ezikhundleni ezifundeni.
“UNgqongqoshe akenzi lutho ukulungisa isimo ekubeni uyazazi izinkinga. I-ANC noNgqongqoshe abalungise lesi simo ngokuthi othisha nothishanhloko basayiniswe izinkontileka zokusebenza ngokuzikhandla,” usho kanje.
I-ANC inxuse ukuba kubekwe phambili abafundi ngoba izinkinga kazizinkulu ngaphezu kwekusasa lezingane.