BANINGI abantu abaphephela emavenini amancane kulezi zinsuku. Lokhu kufakazelwa yizibalo zakamuva zokuthengwa kweNissan NP 200 okudayiswe angu-1 506 ungoJanuwari.
Lesi isibalo esikhulu kakhulu kwaNissan ezimotweni zabo ezingama-LCV kusukela ngo 1995.
Ukudayiswa ngale ndlela kweNP 200 kulethe izindaba ezimnandi kwaNissan njengoba izimbangi zabo ezinkulu iChevrolet zingalibonanga oludlalayo.
KwaNissan basanda kukhipha uhlobo olusha lweNP 200 abantu abayithenge ubuthaphuthaphu kanti okuthiwa ihamba kakhulu yileyo esesigabeni esiphansi i-1.6 model ethengwa kakhulu abantu abasuke beqala ukuthenga imoto. Bese kuphela izinyanga ezingu-8 i-NP 200 ilokhu ilandele ngemuva izimbangi zayo ngokudayiswa njengoba igcine ikwazile ukuphula leli rekhodi.
NgoJanuwari i-NP 200 iphendule amatafula. Ukuthengwa ngale ndlela kweNP 200 kusho ukuthi le moto ikwazile ukukhulisa imarket share yakwaNissan ezimotweni ezingamaveni amancane ezibizwa ngama-sub-1ton LCV segment. Imoto yakwaNissan eyagcina ukuzenzela ngale ndlela kwabe kuyi-1400 evalwe ukwakhiwa ngo-2009 emuva kweminyaka engu-37 ikhona esikhaleni sayo kwangena iNP 200. Ngesikhathi sayo iNissan 1400 kudayiswe angu-275 000 kodwa indlela izinto eziguqule ngayo iNP 200 kuyiphendule “ushampeni” emkhakheni walezi zimoto. I-Nissan NP 200 ithokakala ngezinhlobo eziyisikhombisa kanti kukhona esebenzisa uphethiloli nekadizili.
Le moto ikwazi ukulayisha umthwalo oyisisindo esingu-800kg kanti izindaba ezimnandi ukuthi yakhiwa khona lapha eNingizimu Afrika embonini yakwaNissan eRosslyn, ePitoli. Zonke izinhlobo ziphuma ne-warranty yeminyaka eyisithupha emuva kuka-150 000km.
AMANANI
NP 200 1.6 Base R115 300
NP 200 1.5 dCi R188 100
|
|
Services
Comment Guidelines