IGreece isonga ukufela enkundleni

Comment on this story

MTHOKOZISI MNCUSENI

BASONGA ngokufela enkundleni abeGreece emdlalweni wabo we-quarter final ye-Euro 2012 abazowudlala neGermany namuhla e-Arena Gdansk, ePoland, ngo 8.45 ebusuku.

Okwenza iGreece, engathishiwe kulo mdlalo, ukuthi isonge ngokuphoxa iGermany, ethwelwe ngeqoma ekudleni isicoco, wukuthi lo mdlalo izowugijima ngaphandle kwesihlabani sayo esingukaputeni, uGiorgios Karagounis, kanti abadlali bafuna ukaputeni wabo aphinde adlale ku-semi final.

UKaragounis, oshaye igoli elifake iGreece ku-quarter final ibhekene neRussia, uthole ikhadi eliphuzi lesibili kuwona lowo mdlalo okuyikona okwenza angabi khona koweGermany.

Abadlali beGreece bathi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi abuye sebeku-semi final ukaputeni wabo azoqhubeka nokubahola njengesibani njengoba ehlale enza.

Ngaphandle kwalokhu abeGreece banethemba lokuthi ulwazi abanalo ngeqembu lesizwe laseGermany luzobasiza kakhulu kulo mdlalo.

UKyiriakos Papadopoulos, ogijima kuSchalke 04, noSokratis Papastathopoulos, odlalela iWeder Bremen, okungamaqembu amabili aseGermany, bathi bakuqonda kahle okufanele bakulindele kulo mdlalo futhi lolu lwazi abanalo bazoludlulisela kozakwabo.

Womabili la mazwe awakaze ehlulwe kulesi sigaba se-Euro okwenza lo mdlalo ulindelwe ngabomvu njengoba kwaziwa nokuthi akuhoshelwana kuwona ngokwezombusazwe. Nakuba kuyiGermany ethwelwe ngeqoma ukuba idlulele phambili lapha kodwa neGreece iyaziwa ngomlando wayo wokuphoxa amazwe asuke ethishiwe emiqhudelwaneni.

Lo mdlalo kuzokube kuyi-quarter final yesihlanu yeGermany emqhudelwaneni ofanayo kanti isiwawine wonke adlule. IGreece izokube idlala kweyesibili i-quarter Final kwazise ngo-2004 ishaye iFrance ithwelwe ngeqoma endleleni yayo (iGreece) ibheke ekudleni lesi sicoco.

UThomas Muller ongakayiboni inethi kulo mqhudelwano, Mario Gomez, ohamba phambili ngamagoli, Sami Khedira noMesut Ozil bonke bathembise ukunqoba kweGermany.

Iqembu elizonqoba lapha lizozibekela indawo kowandulela amanqamu elizowudlala nozonqoba phakathi kwe-England ne-Italy ngoJune 28 eWarsaw. Siye koshicilela ungakadlalwa oweCzech Republic nePortugal eWarsaw National Stadium.

Olunye ulwazi: Euro.com


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.