Ihlehlisiwe ikhonsathi yezihlabani zaphesheya

Comment on this story
NO_no luda0 REUTERS UMCULI we-rap waphesheya uLudacris ubengomunye wabaculi abebezohambela kuleli ukuzonandisa kwi-MBay Megafest eBhayi ebizoba ngoMgqibelo nesigcine ngokuhlehliselwa usuku olungaziwa REUTERS/Fred Prouser

FANELESIBONGE BENGU

IHLEHLISELWE usuku olungaziwa ikhonsathi yomculo obekulindeleke ukuthi kunandise kuyo izihlabani zaphesheya kwezilwandle ebizoba senkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay ngoMgqibelo.

Le khonsathi bekulindeleke ukuthi kucule kuyo isihlabani saphesheya kwezilwandle esidume ngokubhala izingoma zabaculi abafana noRihanna, uNe-Yo, umculi owake waqopha i-video yakhe eThekwini yengoma ayenza noBobby Valentino ethi Pimpin’ All Over The World, uLudacris, uShaggy nomculi waseJamaica uProtoje.

Ngaphandle kwala baculi baphesheya bekuzobe kukhona nabakuleli okukhona kubo iMi Casa, Shoelace Rockazsoul, Bucie, Eltonnick and Naak MusiQ nabase- Eastern Cape uDJ Mtira, Kasta, Baba D, Cute, Spectrum noMaster Jam.

Isikhulu esiphezulu seZeranza.299 (PTY) LTD, u-Andrea Wessels, uthe le khonsathi, iMbay Megafest, isazoba ngayo inyanga yentsha kaJuni kodwa usuku oluqondile abangalwazi ukuthi yiluphi.

“Imali yabaculi baphesheya kwezilwandle ibikhokhwe yonke kwi-akhawunti ebizobahlukanisela yona ngemuva kokucula “njengesivumelwano esiyimpoqo”,” kusho uWessels othe laba baculi basazimisele ngokucula kuleli.

UWessels uthe bayaxolisa kubantu abese bethenge amathikithi babuye benza namalungiselelo okuhamba besuka kuzo zonke izinkalo ezweni.

“Ukuhlehlisa lo mcimbi bekuyisinqumo esiphusile uma ubheka isimo esibhekene naso kanti siyathemba ukuthi abathandi balaba culi bazosamukela lesi sinqumo nesixoliso sethu. Kwasebethenge amathikithi bazowesebenzisa ukungena ekhonsathini esizokhipha usuku lwayo maduze.

Labo abafuna ukubuyiselwa imali yabo bengaya eComputicket,” kusho yena.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.