FANELESIBONGE BENGU

IHLEHLISELWE usuku olungaziwa ikhonsathi yomculo obekulindeleke ukuthi kunandise kuyo izihlabani zaphesheya kwezilwandle ebizoba senkundleni yezemidlalo iNelson Mandela Bay ngoMgqibelo.

Le khonsathi bekulindeleke ukuthi kucule kuyo isihlabani saphesheya kwezilwandle esidume ngokubhala izingoma zabaculi abafana noRihanna, uNe-Yo, umculi owake waqopha i-video yakhe eThekwini yengoma ayenza noBobby Valentino ethi Pimpin’ All Over The World, uLudacris, uShaggy nomculi waseJamaica uProtoje.

Ngaphandle kwala baculi baphesheya bekuzobe kukhona nabakuleli okukhona kubo iMi Casa, Shoelace Rockazsoul, Bucie, Eltonnick and Naak MusiQ nabase- Eastern Cape uDJ Mtira, Kasta, Baba D, Cute, Spectrum noMaster Jam.

Isikhulu esiphezulu seZeranza.299 (PTY) LTD, u-Andrea Wessels, uthe le khonsathi, iMbay Megafest, isazoba ngayo inyanga yentsha kaJuni kodwa usuku oluqondile abangalwazi ukuthi yiluphi.

“Imali yabaculi baphesheya kwezilwandle ibikhokhwe yonke kwi-akhawunti ebizobahlukanisela yona ngemuva kokucula “njengesivumelwano esiyimpoqo”,” kusho uWessels othe laba baculi basazimisele ngokucula kuleli.

UWessels uthe bayaxolisa kubantu abese bethenge amathikithi babuye benza namalungiselelo okuhamba besuka kuzo zonke izinkalo ezweni.

“Ukuhlehlisa lo mcimbi bekuyisinqumo esiphusile uma ubheka isimo esibhekene naso kanti siyathemba ukuthi abathandi balaba culi bazosamukela lesi sinqumo nesixoliso sethu. Kwasebethenge amathikithi bazowesebenzisa ukungena ekhonsathini esizokhipha usuku lwayo maduze.

Labo abafuna ukubuyiselwa imali yabo bengaya eComputicket,” kusho yena.