.
IMEYA yeTheku uMnuz James Nxumalo (kwesobunxele) idlulisela okhiye bomuzi osePhoenix okuzohlala kuwona okwesikhashana umndeni wakwaPhungula uNkk Ncumisa ophakathi nowakwakhe uMnuz Mthetho Phungula. Isithombe: BONGANI MBATHA
SEWUTHOLE ukuphumula umndeni waseRosehill, eDurban North oke waphila kanzima ngenxa yokungenelwa wudaka namanzi endlini emuva kokuqhuma kwepayipi likaMasipala.
UMnuz Mthetho Phungula uthe konke sekubukeka kumi ngomumo njengoba bengeniswe emzini abazohlala kuwo kuze kulungiswe umuzi wabo.
Uthe impilo isizokwazi ukubuyela esimweni emuva kokuthi bavuswa wudaka olwabhodloza udonga lwadala umonakalo omukhulu emzini wabo.
IMeya yeTheku uMnuz James Nxumalo, iziphathimandla zikaMasipala namavolontiya bavuke ekuseni izolo ngenhloso yokuhlanza umuzi osePhoenix ozohlala lo mndeni okwesikhashana.
UNxumalo uthe emuva kokuthatha umndeni wakwa- Phungula bawuhlalise endaweni yezivakashi, babone kungcono ukuthi bawuhlalise kule ndlu ukuze ukhululeke kusalungiswa umuzi wawo.
Uthe lo muzi ubuhlala ifenisha kaMasipala futhi usetshenziswa ukugcina impahla kaMasipala.
UPhungula obebukeka ejabule ngalokhu uthe bakhuthazwe nawukusuka kuka- Nxumalo azibambele mathupha lapho kuhlanzwa le ndawo abazoyibiza ngekhaya isikhathi esingange- nyanga.
UNxumalo uveze ukuthi ukulimala kwendlu kaPhungula kungenzeka ukuthi kwadalwa wukuguga kwamapayipi.
“Siyabona ukuthi amapayipi asemadala kakhulu futhi adinga ukushintshwa.
Bese siqalile ukuwashintsha kwezinye izindawo kusho ukuthi bebe- ngakafiki ngakule ndawo,” kusho uNxumalo.– Lungi Langa
|
|
Services