Ikhona inhlansi yethemba ekudayisweni kwezimoto

Comment on this story

IBHANGE elitshelekisa ngemali kubathengi bezimoto, iWesbank lithi linethemba lokuthi ukudayiswa kwezimoto kuzonyuka ngo-15.2 % kufinyelele ezimotweni ezingu-567 850 ezizothengwa ngabantu kusukela manje.

“Uma umuntu ebheka ukuthi izimoto zingadayiswa kanjani uma uqhathanisa nezinga lokwehla nokwenyuka kwamandla emali, kubukeka isimo sisihle kakhulu,” kusho isikhulu kuleli bhange esitatimendeni asikhishwe muva nje.

IWesbank ithi inethemba lokuthi izinto zizokuya ngokuba ngcono ngokudayiswa kwezimoto ezisesigabeni sama-passenger car.

Bathi akuzona nje izimoto ezizodayiswa kuphela kodwa nalezo ezinkulu njengamaloli ukuthengwa kwawo kuzokuba ngcono ngo-30%.

IWesbank ikholwa wukuthi eminyakeni ezayo kuzokuba ngcono kakhulu uma kuqhathaniswa no-2009 obekubheda kuwona.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.