Ikhuza ibuya iBlame it on Fame

Comment on this story
NO_no twinz0 . AMAWELE uHlelo noNtando Masina asezobonakala kuthelevishini futhi njengoba uhlelo lwawo iBlame it on Fame lukhuza ibuya kusasa. Isithombe: Matthew Jordaan

INTATHELI YESOLEZWE

ABATHANDI bezintokazi zakuleli ezingamawele oNtando noHlelo Masina bazozijabulela izindaba zokuthi uhlelo olwalukhombisa ngempilo yazo yansuku zonke lukhuza ibuya kusukela kusasa.

IBlame It On Fame eyaphela ngoNovemba nyakenye ikhonjiswa njalo ngoMsombuluko ngo-8.30 ebusuku, izobuya seyishintshe abadidiyeli njengoba seyizophrojuswa yiBlack Brains Pictures kaTumi Masemola ocula kwiGang of Instrumentals obuye futhi aphrojuse amahlaya akuSABC 1 iSes’ Top La. Phambilini ibiphrojuswa yiRapid Blue.

Lolu hlelo olukhombisa ngempilo yala mawele asakaza esiteshini somsakazo iYFM, ababukeli balo abangu-1.3 million baba nemibono ehlukene ngalo, abaningi bethi luyabhora.

Ophrojusa balo abasha oTumi, Mandla Ngcongwane noTT Mbha, bathi isizini entsha yeBlame it on Fame izokhombisa into entsha.

“Abakwa-e.tv basinikeze lolu hlelo. Bengimanqika ekuqaleni kodwa nginozakwethu abasebenza ngokuzikhandla okungoMandla noTT.

“Ngesikhathi ngihlangana noHlelo noNtando ngavele ngabona ukuthi kungani ababukeli babo besifazane abancane bebathanda. Bangantombazane anogazi. Uphenyo lwethu lusivezele ukuthi amantombazane amancane athanda ukuthi bondile, bahle futhi bangamawele,” kusho uTumi.

Uthe ngemuva kokubuza kubantu, ngibonile ukuthi impilo yabo yonke iyisibusiso ngale ndlela.

“Bangothunjana. Bangamawele. Bayibo bodwa amantombazane emndenini. Baba ngamawele okuqala esifazane esikoleni sabo. Abantu babebathanda futhi namanje basabathanda. Benza izinto eziningi ezinhle okubalwa kuzo iCampaign for Girls nokufundisa izingane zabesifazane ezihlwempu,” kusho yena.

Ngemuva kokuqoqa le mininingwane, iBlack Brain ikhethe ukuthi ingagxili ekudumeni kwabo kodwa ibaveze emphakathini njengamantombazane.

“Sigxile ekutheni kunjani ukuba ngowesifazane wesimanje omncane ophila eGoli, eNingizimu Afrika ngo-2012. Sisakhungethwe wubandlululo lapho khona sikhuluma isiNgisi kodwa abazali bethu besakhuluma ezinye izilimi.

“Ukwenza umzekelo, siye emakhaya kagogo wabo lapho khona wonke umuntu ebebasaba khona. Ugogo wabo ubatshele ukuthi uma abanye abantu basemakhaya befika, bekumele bekhulume isiNgisi. Sibheka izibonelo ezinjalo. Esinye isibonelo wukuthi bobabili bagqoka izigqebhe kodwa ngokwamasiko abaningi amathanga yizitho zomzimba okumele zifihlwe. Ngakho ukuhlukanisa kanjani phakathi kwempilo yosiko neyesimanje? Ukuxuba kanjani lokhu owafundiswa khona nalokhu kwempilo yesimanje yowesifazane ophila eGoli? Sihlanganisa siphinde siveze konke lokho empilweni yabo.”


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.