Advertisement
X

ILeopards izoshoda ngabagadli ekuhambeni

MALIBONGWE MDLETSHE

IZOBOSHELWA izacile kuBlack Leopards ezogadulisana nompetha baseSudan i-Al Merriekh koweLast 16 yeCaf Confederation Cup bengekho abagadli bayo abamqoka.

KUZOBHEKWA abadlali abafana noThabo Mongalo uma iBlack Leopards seyigadulisana neqembu laseSudan i-Al Merriekh koweLast 16 yeCaf Confederation Cup kusasa ntambama.Isithombe: GALLO IMAGES. Credit: Gallo Images

Lo mdlalo uzoba se-Al Merreikh Stadium edolobheni i-Omdurman kusasa ngo-5 ntambama.

ILeopards, esiphenduka amanxusa eNingizimu Afrika kwiCaf, izobe ishoda ngoKingston Nkatha ozoqala amalungiselelo esizini entsha neqembu lakhe elisha iKaizer Chiefs, uRodney Ramagalela akayanga eSudan ngenxa yokuxinwa wumkhuhlane kanti noJushua Obaje waseNigeria akabuyanga ekhaya ngenxa yodlame esikhumulweni sezindiza.

Nakuba kunjalo kodwa okhulumela iLidoda Dhuva, uTendani Thidiela, uthe umqeqeshi wabo, uSunday Chidzambwa, ubashiye benethemba ngabagadli ahambe nabo ngoLwesithathu ekuseni.

“Umqeqeshi uthe asikhohlwe wukucela uNkatha kuChiefs ngoba vele akuseyena owethu, nathi besivele singayithintanga iChiefs ngokuhamba naye. Weneme (umqeqeshi) ngoDavid Zulu noThabo Mongalo nabadlali basezimpondweni abahlezi belekelela ekushayeni amagoli u-Edgar Manaka nokaputeni uMongezi Bobe,” kusho uThidiela.

Ngaphezu kwalaba badlali ukhona uLuyolo Mapolisa naye oziboniswayo izinti isimo uma simhambela kahle.

UThidiela uthe ngeke sibe khona isikhala sikaNkatha, oshaye amagoli amqoka kuleli qembu ngesizini edlule nakuba nalaba banye abagadli bengekho.

Uthe lokhu ukusho ngoba uChidzambwa ukubeke kwacaca ukuthi ubezonkenkethelwa yikhanda ukuba uBobe ozobe engekho kwazise nguye oshaye amagoli amaningi kunabo bonke abadlali kuLidoda Dhuva ngesizini efile.

“Kubi ukuthi usale ngemuva uRamagalela njengoba ekade engaziqeqeshi neqembu ngenxa yokuxinwa kabi wumkhuhlane kodwa uMongalo usengumqemane. Okunye okushiwo ngumqeqeshi wukuthi ubezophanjanelwa yikhanda kuphela uma kuthiwa ulahlekelwe nguBobe. Ngakho isidingo sokukhathazeka kasikho,” kusho uThidiela.

Ukushaya into ecokeme ngesizini edlule kuCaf kweLeopards kulo mqhudelwano kuyidonsele amankentshane nokumanje asabafuna uthuli abadlali bawo abamqoka njengaye uNkatha.

UThidiela uthe akekho umuntu osaqhamuke nento engculisayo ukuwungula isitobha uHumphrey Khoza, okukekwavela ukuthi ucathanyelwa nayi-Orlando Pirates.

ILeopards kumele iphumelele kulo mdlalo ukuze ikwazi ukudlula kalula uma inqoba nomlenze wesibili walo mzuliswano ePeter Mokaba Stadium ngoJulayi 13.

SHOW ALL
Advertisement