Ilungu leDa Babes limangaze abaningi lenza umkhuba wesintu

Comment on this story
NO NCUPHA1 . UNCUPHA wama Da babes noNgizwe Mchunu besina ememulweni kaNcupha. Izithombe:SANDILE MAKHOBA

SIZWE BLOSE

ITHIMBA lezokungcebeleka liphinde lavakashela KwaMakhutha naseMgababa lapho abaculi bekwaito bebenze khona imicimbi ehlukene. Ilungu leqembu lamantombazane aziwa ngamaDa Babes, uNcupha Mzimela kade yemuliswa. Le ntokazi yenze okungalindelekile kule ndima ngokuthi iziphathe kahle futhi izigqaje ngobuntombi bayo ize ifike eminyakeni engu- 21.

Lo mcimbi kade uhanjelwe nangumsakazi woKhozi FM ongaconsi phansi kubalandeli bamaskandi, uNgizwe Mchunu. Uphinde wabusiswa nawukuba khona kukaSbo Da Poet osezakhele udumo ngokuhaya izinkondlo ezinomlayezo.

Ithimba lidlulele kwaThokozani Zulu odume ngoT’zozo kwi-kwaito, yena ubehlabe izinkomo ezimbili kunabaculi noDJ kanjalo nosopolitiki nezikhulu zikahulumeni. UDJ Manace ujabulise abantu ngekwaito yakudala, iningi labantu lichazekile ngesikhathi esedlala ingoma kaProfessor noT’zozo ethi Woz’ eDurban. Kuphinde kwabathokozisa kakhulu abantu ukufika kweMalini eshaya ingoma ethi, Balele. Lo mcimbi uqale ngoLwesihlanu abantu bengena bephuma.


sign up
 
 

Comment Guidelines



  1. Please read our comment guidelines.
  2. Login and register, if you haven’ t already.
  3. Write your comment in the block below and click (Post As)
  4. Has a comment offended you? Hover your mouse over the comment and wait until a small triangle appears on the right-hand side. Click triangle () and select "Flag as inappropriate". Our moderators will take action if need be.