IFUNA ukuba yikhaya losaziwayo ngaphandle komculo iMabala Noise Entertainment eyethule amaciko amasha asayine kule nkampani izolo.
Le nkampani, phambilini ebiyaziwa ngeMabalabala Entertainment, ibinesithangami nabezindaba ekomkhulu layo eGoli izolo. Amaciko athuliwe nguDJ Finzo, Letoya Makhene, Jay Spitter, Gigi Lamayne, Kay Sibiya, Mbali Nkosi, Zakwe, Major League DJs, Khanyi Mbau, PRO, Zola noNasty C ( abasesithombeni).
UKay Sibiya ulingisa ku Zalo, uLetoya Makhene ulingisa ku Generations: The Legacy kanti u Mbali Nkosi ungumlingisi ku The Queen kuMzansi Magic.
“Sizama ukukhulisa inkampani asifuni ukugxila emculweni kuphela. Singathi nje siphethe izindaba zamaciko. UKhanyi uke wacula phambilini futhi uyacula. ULetoya unengoma noChynaman,” kusho uFlabba Katsyane ongesinye sezikhulu zale nkampani.
Esinye sezikhulu uSquiks Nzuza uthe sekusele isikhala esisodwa futhi basalungisa amaphepha nomculi wasezweni lase-Afrika, angalidalulanga igama lakhe, athe bazama ukumsayina. Uthe ungowesifazane.
Umphathi wenkampani uReggie “Govner” Nkabinde uthe inkampani yabo iletha ushintsho kwezokungcebeleka.
“Ngesikhathi siqala sasigxile kwikwaito kuphela kodwa manje sekuyisikhathi sokuthi sincintisane namazwe omhlaba. Sithuthukisa ingane yase-Afrika,” kusho uGovner.
Uthe bafuna ukuthuthukisa amaciko akuleli njengoba kungekho ngisho elilodwa eliqashwa ngemali engaphezulu kuka-R1 million.
UZola, oseneminyaka eyibambile, uthe kungcono ukusayina nale nkampani ngoba izinkampani ezinkulu zakudala zaziphethwe ngabelungu futhi abaculi bengenabo ubunikazi bomculo wabo.
Uthe: “Kungcono ukusebenza enkampanini ecabanga njengawe.”